1 AmaKhosi 22:41-53

1 AmaKhosi 22:41-53 ZUL59

UJehoshafati indodana ka-Asa waqala ukubusa kwaJuda ngomnyaka wesine ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli. UJehoshafati wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema. Igama likanina lalingu-Azuba indodakazi kaShilehi. Wahamba ngezindlela zonke zika-Asa uyise, kaphambukanga kuzo, enza okulungile emehlweni kaJehova. Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesanikela, babesashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. UJehoshafati wenza ukuthula nenkosi yakwa-Israyeli. Ezinye izindaba zikaJehoshafati, namandla awabonakalisayo, nokulwa kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Insali yezifebe zethempeli ezazisasele emihleni kayise u-Asa wayixosha ezweni. Kwakungekho nkosi kwa-Edomi; kwabusa umbambeli. UJehoshafati walungisa imikhumbi yaseTharishishi ukuba iye e-Ofiri ukulanda igolide, kepha ayihambanga, ngokuba imikhumbi yaphuka e-Esiyoni Geberi. Khona u-Ahaziya indodana ka-Ahabi wathi kuJehoshafati: “Izinceku zami mazihambe nezinceku zakho emikhunjini.” Kepha uJehoshafati akavumanga. UJehoshafati wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoramu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. U-Ahaziya indodana ka-Ahabi waqala ukubusa kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka emibili kwa-Israyeli. Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela kayise, nangendlela kanina, nangendlela kaJerobowamu indodana kaNebati ayonisile u-Israyeli. Wakhonza uBali, wakhuleka kuye, wacunula uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, njengakho konke akwenzileyo uyise.