1
IzAga 22:6
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.
Qhathanisa
Hlola IzAga 22:6
2
IzAga 22:4
Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.
Hlola IzAga 22:4
3
IzAga 22:1
Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa kunesiliva negolide.
Hlola IzAga 22:1
4
IzAga 22:24
Ungabi ngumngane womuntu onolaka, ungahambi nomuntu onokufutheka
Hlola IzAga 22:24
5
IzAga 22:9
Oneso elimnene uyakubusiswa, ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.
Hlola IzAga 22:9
6
IzAga 22:3
Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.
Hlola IzAga 22:3
7
IzAga 22:7
Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.
Hlola IzAga 22:7
8
IzAga 22:2
Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke.
Hlola IzAga 22:2
9
IzAga 22:22-23
Ungamphangi ompofu ngokuba empofu, ungamchobozi oswelayo esangweni, ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo, aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.
Hlola IzAga 22:22-23
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo