1
Kwabase-Efesu 6:12
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
Qhathanisa
Hlola Kwabase-Efesu 6:12
2
Kwabase-Efesu 6:18
ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke
Hlola Kwabase-Efesu 6:18
3
Kwabase-Efesu 6:11
Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane
Hlola Kwabase-Efesu 6:11
4
Kwabase-Efesu 6:13
Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
Hlola Kwabase-Efesu 6:13
5
Kwabase-Efesu 6:16-17
kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi, namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu
Hlola Kwabase-Efesu 6:16-17
6
Kwabase-Efesu 6:14-15
Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula
Hlola Kwabase-Efesu 6:14-15
7
Kwabase-Efesu 6:10
Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
Hlola Kwabase-Efesu 6:10
8
Kwabase-Efesu 6:2-3
Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.
Hlola Kwabase-Efesu 6:2-3
9
Kwabase-Efesu 6:1
Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.
Hlola Kwabase-Efesu 6:1
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo