1
1 kwabaseKorinte 13:4-5
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu
Qhathanisa
Hlola 1 kwabaseKorinte 13:4-5
2
1 kwabaseKorinte 13:7
lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
Hlola 1 kwabaseKorinte 13:7
3
1 kwabaseKorinte 13:6
aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso
Hlola 1 kwabaseKorinte 13:6
4
1 kwabaseKorinte 13:13
Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
Hlola 1 kwabaseKorinte 13:13
5
1 kwabaseKorinte 13:8
Uthando alusoze lwaphela; kepha nokuba kukhona ukuprofetha, kuyakukhawuka; nokuba kuyizilimi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi, kuyakukhawuka.
Hlola 1 kwabaseKorinte 13:8
6
1 kwabaseKorinte 13:1
Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo.
Hlola 1 kwabaseKorinte 13:1
7
1 kwabaseKorinte 13:2
Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.
Hlola 1 kwabaseKorinte 13:2
8
1 kwabaseKorinte 13:3
Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.
Hlola 1 kwabaseKorinte 13:3
9
1 kwabaseKorinte 13:11
Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.
Hlola 1 kwabaseKorinte 13:11
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo