Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 5:2

Ukufunda Ukuthandwa
izinsuku ezingu 3
Ngokusekelwe encwadini entsha ethi “Ukufunda Ukuthandwa,” lolu hlelo lwezinsuku ezintathu luzokusiza ufunde ukuthi ungasuka kanjani ekwazini ngothando lukaNkulunkulu ukuze uluzwe enhliziyweni yakho. Ngezinyathelo ezingokoqobo nokuzindla ngokwethembeka, ababhali uDavid Bowden noMart Green bazokufundisa ukwamukela iqiniso lokuthi uNkulunkulu wakuthanda kuqala. Vuleleka othandweni olujulile, olungenamibandela uNkulunkulu analo ngawe. Qala namuhla ufunde ukuthi kusho ukuthini ukuthandwa ngokweqiniso.

UKristu Indlovukazi Yethu Yokugcina U-Esteri
3 Izinsuku
Incwadi ka-Esteri iveza ukungabi namandla kwabantu bakaNkulunkulu okuzisindisa ekuqothulweni ngokohlanga. Efaka ukuphila kwakhe engozini, u-Esteri uzihlanganisa nabantu bakubo, ezimbandakanya ebasiza phambi kwenkosi. Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezintathu lusivezela indaba ka-Esteri yesibindi nothando futhi ifanekisela kanjani indaba yothando lukaJesu: Siwumfanekiso naye, wasifela, wasisindisa lapho singakwazi ukuzivikela thina.

Ukudlula Ezikhathini Ezinzima
Izinsuku eziwu 4
Ukubhekana nezimo ezilukhuni ezimpilweni zethu yinto esingasoze sayibalekela. Nokho kuloluHlelo olufushane lwezinsuku ezi-4, sizokhuthazeka ngokwazi ukuthi asisodwa, ukuthi uNkulunkulu unecebo ngobuhlungu esidlula kubo, nokuthi uzobusebenzisela okulicebo lakhe elikhulu.

Ngikhungathwe Izibusiso Zami (Ingxenye 3)
izinsuku ezingu 5
Isikhuthazo komama esivela kumama owethule izingane zakhe ezingu-7 futhi waphila ukuze azixoxele ngakho. Lokhu kuyingxenye 3 kwezingu-12 zokuzinikela kulolu chungechunge oluvela kuRobin Meadows

UNkulunkulu Muhle Kakhulu
izinsuku ezingu 5
Kungakhathalekile ukuthi yiziphi izimo obhekana nazo, kunamandla nokuthula okutholakala kuwe. Zitholele kabusha ubuhle bukaNkulunkulu kulokhu kuzinikela kwezinsuku ezingu-5 okuvela ku-Life.Church Worship, okusekelwe ku-albhamu entsha, ethi uNkulunkulu emuhle kakhulu.

Ithemba InguMuntu
izinsuku ezingu 5
Lapho isimo sethu esijwayelekile sihlakazeka ngenxa yezehlakalo ezishintsha ukuphila ngokuvamile sisala nokwesaba, ukukhathazeka, ukudabuka kwenhliziyo, kanye nokudumala, ekugcineni kusiholela ekuphelelweni yithemba. Amathemba ethu namaphupho ethu afiphazwa iqiniso elinzima lempilo. Kodwa ithemba akulona nje isifiso esidlulayo, Ithemba liwuMuntu!

Ugxiliswe Ethembeni: Ukufundwa KweTestamente Elisha
izinsuku ezingu 5
Sivame ukuthembela ezweni elisizungezile—ukukhushulwa esikhundleni, ubuhlobo obungcono, umkhndeni oqinile, nokweluleka kwabagulayo. Kodwa ukuthembela emiphumeleni yasemhlabeni kuphela kuyosehlula. IBhayibheli lithi siyobhekana nokulahlekelwa nokudumala emhlabeni, kodwa sigcinwe othandweni lukaNkulunkulu lwaphakade. Kulolu hlelo, uzofunda ngokunakekela kukaNkulunkulu futhi ubone ukuthi ithemba likamoya lingawaletha kanjani amandla phakathi kwezivunguvungu zempilo.

Ukuphila Kushintshile: Njengomama Oyedwana
Izinsuku ezi-6
Umsebenzi kamama ongayedwana unzima futhi ngezinye izikhathi unesizungu, kodwa futhi uyindima ebaluleke kakhulu oyoke uyidlale. Iqiniso liwukuthi, uNkulunkulu ukukhethile futhi wakuhlomisela ukuba uhole umndeni wakho. Kulolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha, uzothola izinsiza kanye nemibhalo ukuze uphiliswe ngesikhathini esedlule, ukhuthazwe esikhathini samanje, futhi uthole ithemba ngekusasa lakho.

Amaqembu amancane, Ukukhula Okukhulu
Izinsuku ezingu-7
Amasonto awabiza ngamaqembu amancane, amaqembu amaseli, kanye namaLifeGroups. Ngaphandle kwamagama, akhona ukuze akhe ubudlelwano obunenjongo phakathi kwabalandeli bakaKristu. Kodwa kungani? Ingabe laba ngabantu esiphila nabo ngokukhululeka kobuKristu, noma kukhona okunye? Lolu hlelo lweBhayibheli, lweqembu le-Life.Church LifeGroups, olwanoma ubani ocabanga ukuthi uNkulunkulu angasebenzisa iqembu labo elincane ukuze abangele ukukhula okukhulu.

Ukukhuleka njengo Jesu
Izinsuku ezingu-7
Ingabe usukulungele ukujulisa impilo yakho yomkhuleko, kodwa awunasiqiniseko ukuthi ungaqala kanjani? Ake sibhekisise iziyalezo uJesu asinika zona mayelana nendlela yokuthandaza kuMathewu 6. Funda ukuthi ungakhuleka kanjani njengoJesu kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel.

Iseluleko Sobudlelwane Kwabesilisa
izinsuku ezingu-8
Kuthiwani uma singakalwa ngezinto esizifezile, kodwa sinikwa amandla ubudlelwane bethu? Ngezindaba eziqabulayo, umbhali uRoger Thompson wembula uhlobo lobudlelwane bamandla obusetshenziswa ekulolongeni indoda. Qala lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani namuhla.

Amaphutha Amakhulu angu-12 Angagwenywa Abazali
Izinsuku eziwu 12
Udkt. Tim Elmore ujoyina i-Life.Church ukuze wabelane Ngamaphutha Amakhulu Angu-12 Angagwenywa Abazali. Sonke sifunela izingane zethu okungcono kakhulu, kodwa ngezinye izikhathi izinhloso zethu ezinhle zidukisa izindlela zazo. Masilungise inkambo futhi siholele izingane zethu ekubeni abantu abadala abaphumelelayo nabalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. Ukuze uthole okunye okuqukethwe, bheka okuningi ku-finds.life.church

Ithemba Ebumnyameni
Izinsuku eziwu 12
Lolu Hlelo LweBhayibheli olwanoma ubani ozwa ubuhlungu futhi ongaqondi ukuthi kungani. Uma ulahlekelwe okuthile, othile, noma ukholo lwakho luzwakala luntengantenga kwaze kwaba seqophelweni lokuphuka, khona-ke lolu Hlelo LweBhayibheli Oluvela encwadini kaMfundisi weLife.Church uCraig Groeschel, Hope in the Dark, ingase ibe yilokho kanye okudingayo. Uma ufuna ukukholwa, kodwa ungaqiniseki ukuthi kanjani, lokhu kungokwakho.

Ithemba: Isifundo EmBhalweni
Izinsuku eziwu 12
1 KwabaseKorinte 13:13 ithi, “Manje-ke kumi lokhu kokuthathu: ukholo, ithemba nothando. Kodwa okukhulu kulokhu luthando.” Ukholo, ithemba, nothando, yizici ezintathu ezichaza abalandeli bakaKristu. Kuwo wonke umbhalo, lezi zihlukaniso ezintathu zitholakala ndawonye. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-12 lwabesifazane luzohlola ingqikithi namandla aguqula impilo yethemba kuKristu Jesu.

Ithemba Linjalo
Izinsuku eziwu 14
Sonke sifuna ukukholelwa ukuthi kukhona okungcono okuzayo. Futhi uNkulunkulu uyazi ukuthi sidinga okungaphezu kwezipho ezibekwa ngaphansi kwesihlahla ukuze sithole injabulo. Esikudingayo ithemba. Yenziwe yi-NewSpring Church, lolu hlelo luzokusiza ukuthi uthole amandla ethemba nokuthi luwushintsha kanjani umbono wethu ngayo yonke into ezimpilweni zethu.

Ukulungisiswa: Isifundo KwabaseRoma
Izinsuku ezingu 16
Ithathwa njengenye yezincwadi ezicebe kakhulu ngokwezenkolo zeTestamente Elisha, eyabaseRoma iyindatshana yemfundiso yenkolo yensindiso. Eqala ngokungabi nathemba kwesimo sethu sokugcwala isono, uPawulu ubonisa indlela uNkulunkulu anikeza ngayo ukulunga kubantu baKhe ngoJesu Kristu. KwabaseRoma, siyakhunjuzwa ukuthi ukulungisiswa akuveli esimweni noma ekuzuzweni kokuziphatha kodwa ekukholweni ekufeni okuthathela indawo nasekuvukeni okukhazimulayo kukaJesu Kristu.

Isimangaliso Esingapheli | uhlelo lokufunda lukaKhisimusi oluvela ebandleni le-New Life Church
Izinsuku ezingu-19
Lolu hlelo lwamaviki amathathu lusidlulisa ezimangalisweni ezingaphelelwa yisikhathi zokuthi uNkulunkulu weza kanjani kithi ngendodana yakhe, uJesu. Uhlelo luhlelelwe ukuthi luqale ngoMsombuluko ukuze impelasonto ngayinye ihlanganise okuqukethwe okufushane okuhloselwe ukuphumula nokuzindla ngesikhathi samaholide. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukuthi ukuzalwa kukaKristu kusho ukuthini ngekusasa lethu, elamanje, kanye nesikhathi esedlule.

121 ye-Advent
Izinsuku ezingu-24
Ukuzalwa kukaKristu, ukufika Kwakhe, kuphawula icebo likaNkulunkulu lokuhlengwa kwethu. KuKristu, sibona isithombe esigcwele sethemba likaNkulunkulu, ukuthula, injabulo nothando. Izwi likaNkulunkulu liyiqiniso esazi ngalo futhi sihamba Naye nsuku zonke. Sethemba ukuthi lo mhlahlandlela uzokhuthaza futhi wenze lula isikhathi sakho osichithwa eZwini futhi unikezele insiza yemindeni enezingane ukwenza lokho ndawonye.

Oswald Chambers: Ithemba - Isithembiso Esingcwele
Izinsuku ezingu 30
Ithemba: Isithembiso Esingcwele siyingcebo ekhuthazayo yezingcaphuno ezivela emisebenzini ka-Oswald Chambers, umbhali wezokuzinikela othandwa kakhulu emhlabeni nombhali wencwadi ethi My Utmost for His Highest. U-Chambers uzokukhuthaza futhi akuphonsele inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli.

Injabulo Yazo Zonke Izinkathi
Izinsuku ezingu 30
Wake wazibuza, “Kungenzeka yini ukuba nenjabulo kuzo zonke izikhathi zokuphila?” Ucarol McLeod ukholelwa ukuthi uNkulunkulu unenjabulo enkulu ongayithola. Kulokhu kuzinikela, uzothola ukuthi ungamethemba kanjani uNkulunkulu lapho impilo ingalungile, ungazindla kanjani ngombhalo oguqula ukucabanga kwakho nokuthi ungaguqula kanjani ukudumala kube yinhliziyo ejabule phakathi kokungaqiniseki.