Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 63:5

Ngiyabonga
Izinsuku eziwu 4
Ukubonga kuguqula esinakho kube ngokwanele. Lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezine oluvela ku-Life.Church luzokusiza uthole umbono wokubonga. Qala ukufunda ingxenye yesibili yochungechunge oluthi Hlala Unethemba olunezingxenye eziyisithupha.

Ukulandela
izinsuku ezingu 5
Bonke ubudlelwano buqala ngentshiseko—umdanso omuhle wokwazi nokwaziwa. Ubuhlobo noNkulunkulu abuhlukile. Kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezinhlanu olusekelwe esifundweni esisha seBhayibheli samasonto amane sika-Amy Groeschel, The Pursuit, ngeke nje uthole ukuthi ungamlandela kanjani uNkulunkulu ngokuphelele, kodwa futhi uyobona ukuphishekela okukhulu kukaNkulunkulu ngawe!

Ukuba Nenhliziyo KaMariya Emhlabeni KaMarta
izinsuku ezingu 5
Ngokuvamile sizizwa sengathi asenzi okwanele. Khona-ke sizizwa sinecala ngoba kufanele sibe nezikhathi zokuthula noNkulunkulu—kodwa uma sizama ukwehlisa ijubane, izinhliziyo zethu nezingqondo zethu zibamatasatasa. Indaba kaMariya noMarta isinika isiqondiso kanye nomusa kulesi simo. Yindaba yodade ababili. Yindaba yethu ngamunye.

Ukulandela Inhliziyo KaNkulunkulu
izinsuku ezingu 5
INkosi uDavide ichazwa eTestamenteni Elisha njengendoda elandela inhliziyo kaNkulunkulu, okusho ukuthi waqondanisa inhliziyo yakhe nekaNkulunkulu. Njengoba sifunda ngempilo kaDavide, umgomo wethu walolu chungechunge ukuhlaziya izinto uDavide azenza ku-1 & 2 USamuweli ukuze silolonge izinhliziyo zethu zivumelane nekaNkulunkulu futhi zifane namandla afanayo okugxila nomoya uDavide awubonisa ukuphila kwakhe konke.

Ukukhuluma ukuphila
Izinsuku ezi-6
Amazwi, amazwi, amazwi, amazwi agcwele amandla! Amazwi akhayo noma abhidlizayo. amazwi anika impilo noma amazwi aletha ukufa. Ukukhetha kungokwethu. Ake sihlole ukubaluleka kwamandla aphethwe amazwi ethu.

Uthando Olumangazayo noFrancis Chan
Izinsuku ezingu-7
Kuthathwe encwadini yakhe ethengiswa kakhulu ye-New York Times ethi "Uthando Olumangazayo," uFrancis Chan uhlolisisa uthando lukaNkulunkulu olumangalisayo ngathi, nokuthi impendulo yethu efanele othandweni olunjalo kufanele ibukeke kanjani. Kodwa akagcini lapho, usibekela inselele yokuba sizindle ngobukhulu bukaNkulunkulu kanye nomehluko omkhulu phakathi kobukhosi Bakhe baphakade nokuphila kwethu kwesikhashana lapha emhlabeni.

Ukukhuleka njengo Jesu
Izinsuku ezingu-7
Ingabe usukulungele ukujulisa impilo yakho yomkhuleko, kodwa awunasiqiniseko ukuthi ungaqala kanjani? Ake sibhekisise iziyalezo uJesu asinika zona mayelana nendlela yokuthandaza kuMathewu 6. Funda ukuthi ungakhuleka kanjani njengoJesu kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel.