Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 62:2

Konke Kuzolile: Ukuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi
izinsuku ezingu 5
Isikhathi senjabulo, futhi isikhathi sokubamatasa. Thatha umzuzwana wokuphumula nokudumisa ozokugcina ngalesisikhathi senjabulo nentsebenzo. Loluhlelo lokuzinikela lusekelwe incwadi ethi Unwrapping the Names of Jesus: An Advent Devotional, loluhlelo lokufunda lwezinsuku eziwu-5 luzoba umhlahlandlela wokuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi ngokuthatha umzuzwana woku khumbula ubuhle bakhe, ukuveza izidingo zakho, nokufuna ukuthula kwakhe, futhi uthembe ukwethembeka kwakhe.

Ukuphila Kushintshile: NgoKhisimusi
izinsuku ezingu 5
Kukho konke ukuphithizela kwamaholide, kungase kube lula ukulahlekelwa umbono wokuthi kungani sigubha. Kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 zokuza, sizongena ezithembisweni ezigcwaliseke ngokuzalwa kukaJesu nethemba esinalo ngekusasa. Njengoba sifunda okwengeziwe ngokuthi uNkulunkulu ungubani, sizothola ukuthi singaphila kanjani phakathi nesikhathi samaholide ngethemba, ukholo, injabulo, nokuthula.

Ukuphila Kushintshile: Ukwethemba uNkulunkulu
izinsuku ezingu 5
Ngisho noma sazi ukuthi uNkulunkulu uthembekile, kungaba nzima ngathi ukuphila sivule izandla futhi simethembe ngokugcwele ngezimpilo zethu. Sifuna ukuqonda ukuthi kungani izinto zenzeka, futhi sifuna ukulawula. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 luzokusiza ukuthi ubone okwengeziwe ngokuthi uNkulunkulu ungubani, wenzeni, nokuthi yini ayifunayo kuwe ukuze uqale ukumethemba kakhulu.

Ithemba Ebumnyameni
Izinsuku eziwu 12
Lolu Hlelo LweBhayibheli olwanoma ubani ozwa ubuhlungu futhi ongaqondi ukuthi kungani. Uma ulahlekelwe okuthile, othile, noma ukholo lwakho luzwakala luntengantenga kwaze kwaba seqophelweni lokuphuka, khona-ke lolu Hlelo LweBhayibheli Oluvela encwadini kaMfundisi weLife.Church uCraig Groeschel, Hope in the Dark, ingase ibe yilokho kanye okudingayo. Uma ufuna ukukholwa, kodwa ungaqiniseki ukuthi kanjani, lokhu kungokwakho.