Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AmaHubo 147:3

Ukuphila Kushintshiwe: Ngonyaka Omusha
Izinsuku eziwu 4
NgoNyaka Omusha ngamunye kuza ithuba elisha lesiqalo esisha. Ungavumeli lokhu kube ngomunye unyaka oqala ngezinqumo ongeke uzigcine. Lolu hlelo lwezinsuku ezi-4 luzokuqondisa ekucabangeni kwakho futhi lunikeze umbono omusha ukuze wenze lo nyaka wakho ube ongcono kakhulu.

Ukuphila Kushintshile: Uma Ungashadile
izinsuku ezingu 5
Sonke sinokulindela ukuthi izimpilo zethu zizobukeka kanjani. Mhlawumbe ubulindele ukuthi manje usushadile, kodwa kunalokho uzizwa unesizungu, ulahlekile, noma ungenathemba. Iqiniso liwukuthi, akudingeki ushade ukuze uthole injabulo futhi uphile ngobizo lwakho. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 luzokusiza ukuthi uphile ngenjongo namuhla futhi lukunike ithemba ngekusasa.

Ukuphila Kushintshile: Ukwamukela Ubunikazi
Izinsuku ezi-6
Njengoba amazwi amaningi esitshela ukuthi kufanele sibe ngubani, akumangazi ukuthi sinenkinga yokuziqonda ubuthina. Unkulunkulu akafuni sichazwe ngomsebenzi wethu, isimo somshado, noma amaphutha. Ufuna umbono Wakhe ube igunya eliphakeme kakhulu ezimpilweni zethu. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha luzokusiza ukuthi ufunde lokho iBhayibheli elikushoyo mayelana nokuthi ungubani futhi wamukele ngempela ubuwena kuKristu.