Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 7:9

Ukufuna
Izinsuku ezingu-7
Kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-7, u-Beth Moore usebenzisa imibuzo evela emiBhalweni ukukuholela ebudlelwaneni obuseduze nalowo okwazi kangcono. Uphawu lokubuza ekugcineni komusho lukhuluma ngelukuluku, isithakazelo, futhi mhlawumbe nokungabaza. Umbuzo uyisimemo sokuba sengozini, ebudlelwaneni. Ibhayibheli alikugwemi ukumenywa okunjalo. Ngokuphindaphindiwe sibona abantu bakaNkulunkulu bebuza imibuzo kuMdali wabo. Sibona futhi uNkulunkulu wendawo yonke ebuza imibuzo ngendalo Yakhe. Usesho luyinselele yokwamukela isimemo. Funda ukumba eZwini, ukuphendula imibuzo kaNkulunkulu, nokuletha imibuzo yakho phambi Kwakhe. Vumela uphawu lokubuza kube ibalazwe elikukhomba ebudlelwaneni obuseduze noBaba.

Ukujaha Kokungafinyeleleki
Izinsuku ezingu-7
Sonke sijaha okuthile. Ngokujwayelekile okuthile okungenakufinyelelwa—umsebenzi ongcono, ikhaya elinethezekile, umndeni ophelele, ukuthola imvume kwabanye. Kodwa akukhathalisi yini lokhu? Ingabe ikhona indlela engcono? Thola kulolu hlelo olusha lweBhayibheli lwe-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi uCraig Groeschel, elithi Chasing Carrots.

Ukukhuleka njengo Jesu
Izinsuku ezingu-7
Ingabe usukulungele ukujulisa impilo yakho yomkhuleko, kodwa awunasiqiniseko ukuthi ungaqala kanjani? Ake sibhekisise iziyalezo uJesu asinika zona mayelana nendlela yokuthandaza kuMathewu 6. Funda ukuthi ungakhuleka kanjani njengoJesu kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel.

Ukuphila Okunamandla—Qala Ukuphila Ngempela
Izinsuku eziwu 12
uJesu akazange alahle ukuphila Kwakhe okuphelele ukuze ukwazi Ukuphila nje eyakho. Abafana abayisikhombisa—njengawe—babekele eceleni izinsuku ezimbalwa zokwehlisa ijubane, ukuzijabulisa, ukuthola izimpendulo, futhi bakuqophe konke kuvidiyo. Ingabe ukuphila kuwumsebenzi kanye nengcindezi nje? Siphuma kanjani ku-treadmill yokusebenza? Ngingakwazi ukukhululeka ekuluthweni? ngiqala kanjani ukuphila ngempela? Qala lolu hlelo lwebhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani ukuze uthole kabanzi.

Izingxogxo NoNkulunkulu
Izinsuku eziwu 12
Izingxogxo noNkulunkulu zikucwilisa ngokujabulisayo empilwen yomthandazo esondele kakhulu, kugcizelela izindlela ezingokoqobo zokuzwa izwi likaNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna sithokozele ingxoxo egijimayo Naye zonke izimpilo zethu — ingxoxo eyenza wonke umehluko ekuqondisweni, ebudlelwaneni nasenhlosweni. Leli cebo ligcwele izindaba ezisobala, zomuntu siqu ngokufinyelela kwenhliziyo kaNkulunkulu. Uyasithanda!

Zila ukudla njengo Daniyeli
Izinsuku ezingu-21
Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.