Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 6:19

Ngiyaphana
Izinsuku eziwu 4
Lapho unikela ngokuphila kwakho kuNkulunkulu, wamukela isipho esikhulu kunazo zonke. Lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezine oluvela ku-Life.Church luzokusiza ukuthi uthole okuwukuphela kwempendulo enengqondo. Qala ukufunda ingxenye yesine yochungechunge oluthi Hlala Unethemba olunezingxenye eziyisithupha.

Ungakuyeka Kanjani Ukukhathazeka
Izinsuku eziwu 4
Uma uphila, khona-ke mhlawumbe uke walwa nokukhathazeka. Abanye abantu bakhathazeka kakhulu, kanti abanye ngezikhathi ezithile bavumela izinto ukuba zithathe imicabango yethu. Akunandaba ukuthi kukangaki noma kuncane kangakanani, kuwukuhlakanipha ngathi ukuthi sifunde ukuthola ngalesi simo esisivumela ukuthi sintshontshe ukuthula kwethu futhi siphuce nokholo lwethu. Lolu hlelo lwezinsuku ezine luzokusiza wenze lokho kanye.

Imingcele 101
izinsuku ezingu 5
Ingabe impilo yakho izwakala sengathi ayisalawuleki? Mhlawumbe unemizwa engaqondakali yecala, yokwesaba, yokucasuka, ukungabi namandla, intukuthelo, noma ubuhlungu obujulile bomzwelo obuhlobene nabantu obaziyo. Encwadini yabo ethi BOUNDARIES, uDkt. U-Henry Cloud no-John Townsend bakusiza ukuthi ufunde ukuthi uthi yebo nini futhi wazi ukuthi cha ukuze ulawule impilo yakho. Lolu hlelo luzokusiza ukuthi uqalise ngemingcele.

Ngabe yimalini Eyanele?
Izinsuku ezi-6
Ingabe uke ufune okuthe xaxa? Amateku amaningi. Ama-skateboard amaningi. Uswidi owengeziwe. Imidlalo eminingi. Kungakhathaliseki ukuthi yini oyithandayo, ufuna nje okungaphezulu! Lolu Hlelo LweBhayibheli luzokusiza ufunde ukuthi “kwanele,” futhi likusize ubone ukuthi lapho uphila njengoJesu, ungathola injabulo eyengeziwe ngokubuza ukuthi “Nginganikela ngamalini?” esikhundleni sokuthi “Yimalini engingayithola?”

Ukujaha Kokungafinyeleleki
Izinsuku ezingu-7
Sonke sijaha okuthile. Ngokujwayelekile okuthile okungenakufinyelelwa—umsebenzi ongcono, ikhaya elinethezekile, umndeni ophelele, ukuthola imvume kwabanye. Kodwa akukhathalisi yini lokhu? Ingabe ikhona indlela engcono? Thola kulolu hlelo olusha lweBhayibheli lwe-Life.Church, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi uCraig Groeschel, elithi Chasing Carrots.

Gcina Ushintsho: Ukuphatha Imali Yakho Ngokuhlakanipha
Izinsuku ezingu-7
Imali kungaba nzima ukukhuluma ngayo futhi kube nzima ukuyiqonda. Kodwa indlela esisebenzisa ngayo imali yethu ngokujwayelekile yiyona enquma indlela esisebenzisa ngayo ukuphila kwethu. Ngakho singaqiniseka kanjani ukuthi sidumisa uNkulunkulu futhi sikhonza abanye ngezimali zethu? Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizobheka izindaba zangempela ezivela kubantu abajwayelekile abafunda ukulawula isabelomali sabo futhi baphile izimpilo zokupha.

Ukunikela Konke... Nokukubuyisela Konke Futhi
Izinsuku ezingu-9
Kuthathwe encwadini, ethi Ukunikeza Konke... kanye Nokubuyisela Konke Futhi, uDavid Green, umsunguli kanye noMphathi Omkhulu we-Hobby Lobby, uhlanganyela ngokuthi ukuphila okuphanayo kukhokha imivuzo engcono kakhulu mathupha, kunikeza ifa elinamandla emndenini wakho, futhi kushintsha labo obathintayo.

Ukuphila Okunamandla—Qala Ukuphila Ngempela
Izinsuku eziwu 12
uJesu akazange alahle ukuphila Kwakhe okuphelele ukuze ukwazi Ukuphila nje eyakho. Abafana abayisikhombisa—njengawe—babekele eceleni izinsuku ezimbalwa zokwehlisa ijubane, ukuzijabulisa, ukuthola izimpendulo, futhi bakuqophe konke kuvidiyo. Ingabe ukuphila kuwumsebenzi kanye nengcindezi nje? Siphuma kanjani ku-treadmill yokusebenza? Ngingakwazi ukukhululeka ekuluthweni? ngiqala kanjani ukuphila ngempela? Qala lolu hlelo lwebhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani ukuze uthole kabanzi.

Okuningi Kokuncane: Umhlahlandlela Wezinto Ezincane Nenjabulo Eyengeziwe
Izinsuku eziwu 14
ImiBhalo ithi izindinganiso zikaNkulunkulu zihlukile kwezezwe. Lokhu kubonakala endabeni yengcebo nemfuyo. “Uma unokuningi, kuba ngcono!” umhlaba uyamemeza. UNkulunkulu uyahleba, “Nganele. Ungafuni injabulo noma ukulondeka kunoma yini enye. Uzoneliseka kakhulu ngokuba nokuncane.” Ukukhuculula, isenzo sokuba nokuncane ngenhloso esimayelana nokuqeda imfuhlumfuhlu. Kunikeza indlela yokuthuthukisa impilo yethu ngaphansi kukaNkulunkulu.