Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 4:19

Kusho Ukuthini Ukulandela Ujesu?
izinsuku ezingu 3
Uma uke uzibuze ukuthi kusho ukuthini ukulandela uJesu ngempela, awuwedwa. Sivame ukwenza lokhu kube nzima kunalokho okuyikho. Kulolu hlelo olufushane, sizofunda ukuthi uJesu usibiza kanjani ukuba simlandele, nenhliziyo Yakhe ngemuva kokwenza isicelo esinesibindi.

Ukulandela
izinsuku ezingu 5
Bonke ubudlelwano buqala ngentshiseko—umdanso omuhle wokwazi nokwaziwa. Ubuhlobo noNkulunkulu abuhlukile. Kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezinhlanu olusekelwe esifundweni esisha seBhayibheli samasonto amane sika-Amy Groeschel, The Pursuit, ngeke nje uthole ukuthi ungamlandela kanjani uNkulunkulu ngokuphelele, kodwa futhi uyobona ukuphishekela okukhulu kukaNkulunkulu ngawe!

Kungani Kunzima Ukuthethelela?
izinsuku ezingu 5
Sonke siyakudinga ukuthethelelwa. Kodwa kaningi siphatha ukuthethelela njengokuzikhethela, kuyilapho eqinisweni, kuyisidingo ukuze sikhule okholweni lwethu. Kulolu Hlelo lwezinsuku ezingu-5, sizothola ithemba neqiniso ezindabeni zeBhayibheli ezihlukahlukene mayelana nokuthethelela njengoba sizitholela thina futhi sikudlulisela kwabanye.

Ukubizelwa Ekuholeni Bobunceku
5 Izinsuku
Sibizelwe ekubeni sihole njengoJesu. Ubuholi buqala ngomuntu, hhayi isikhundla, futhi inhloso yobuholi ukuholela abantu baNkulunkulu ezinjongweni zaKhe. Isifundo ngasinye sansuku zonke sizokusiza wakhe isisekelo esiqinile lapho ungumholi khona, kukukhumbuze ukuthi ngaphambi kokuba umholi uyinceku, futhi ngaphambi kokuba ube yinceku ungumntwana othandekayo kaNkulunkulu.

Izinto uJesu angazange Azisho
Izinsuku ezi-6
Ukube uJesu ubevumelana nayo yonke imibono abalandeli Bakhe ababefake kuyo isimangalo, ubezoba yiNdodana kaNkulunkulu edideke ngendlela emangalisayo, ehlezi ephikisana Naye futhi ematasatasa ehola izinhlangothi zombili zazo zonke izinkulumo-mpikiswano. Ngokujabulisayo, uJesu uzikhulumela Yena. Ungafunda amazwi Akhe kulolu Hlelo olusha LweBhayibheli lwe-Life.Church ukuze luhambisane nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi uCraig Groeschel, Izinto uJesu Angakaze Azisho.

Imithandazo Enesibindi
Izinsuku ezingu-7
Unkulunkulu muhle ngaso sonke isikhathi, kodwa lokho akusho ukuthi uhlala ephephile. Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church lukhuthaza abafundi ukuthi bathandaze imikhuleko emithathu enesibindi: ngicinge, ngithume futhi ngaphule. Iba nesibindi sokuqala ukufunda namuhla, futhi impilo yakho izothatha inguquko esabekayo-enhle.

Uba kanjani Umakhelwane
Izinsuku eziwu 10
Kuthiwani uma kungadingeki sihambe ibanga elide ukuze sisondele kubantu abakude noNkulunkulu? Kuthiwani ukube amaKristu ayengomakhelwane abangcono kakhulu? Ingabe umgwaqo wakho ungashintsha? Ingabe izulu laliyogcwala ngokwengeziwe? Esikhathini eside esidlule, umholi wenkolo wabuza uJesu indlela yokungena ezulwini. Ujesu waphendula ngombuzo, kwase kuba indaba kaMakhelwane Omuhle. Akumangalisi, eminyakeni eyingu-2000 kamuva indaba kaJesu isachaza indlela yomakhelwane. Joyina uMfundisi Craig Groeschel kanye ne-Life.Church kumhlahlandlela osebenzayo, ogcwele indaba wokuhlanganyela nomakhelwane bakho futhi ubathande njengoba uzithanda wena. Kodwa ungamane uliyunde—Iphile!

Abalingisi bePhasika: uSimoni Petru
Izinsuku eziwu 10
UPetru wayengumdobi waseGalile, kodwa wafunwa uJesu futhi waba idwala okwakhiwe phezu kwalo ibandla. Wabona umzuzu obalulekile wesiphambano kanye nethuna elingenalutho. Joyina umbhali uDaniel Darling kulolu hlelo lwezinsuku ezuwu-10 ukuthola impilo kaSimoni Petru, umlingisi ongenakwenzeka ukuthi acatshangelwe ukudlala indima endabeni kaJesu.