Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 4:1

Ukuba NoJesu: Ukuba Wedwa Nokuthula
Izinsuku eziwu 4
Bewazi yini ukuthi uNkulunkulu wakudala ngomfanekiso wakhe? Nokuthi unenjongo eyingqayizivele eMbusweni kaNkulunkulu. Kulolu hlelo lokufunda, sizobheka ukuthi ubuntu bakho obuyingqayizivele buthinta kanjani isikhathi sakho sokuthula noNkulunkulu, ukuthi isikhathi sakho sokuthula noJesu siyisipho kanjani kuwe nasemphakathini wakho, nokuthi njengabalandeli bakaKristu, siyadingana kanjani ukuze sifane noJesu.

Hlela Kabusha Ingqondo Yakho: Ukulungisa Imicabango Enobuthi
izinsuku ezingu 5
Ingabe uke uzizwe sengathi awukwazi ukulawula imicabango esekhanda lakho? Iningi lethu lilwa nokungabi nandaba, ukukhathazeka, neminye imicabango enobuthi. Kulolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezingu-5, sizofunda ukuthi singayilungisa kanjani imicabango enobuthi, simise kabusha izingqondo zethu, futhi sigxilise ukucabanga kwethu kuKristu.

Ukuphila Kushintshile: Ukwamukela Ubunikazi
Izinsuku ezi-6
Njengoba amazwi amaningi esitshela ukuthi kufanele sibe ngubani, akumangazi ukuthi sinenkinga yokuziqonda ubuthina. Unkulunkulu akafuni sichazwe ngomsebenzi wethu, isimo somshado, noma amaphutha. Ufuna umbono Wakhe ube igunya eliphakeme kakhulu ezimpilweni zethu. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha luzokusiza ukuthi ufunde lokho iBhayibheli elikushoyo mayelana nokuthi ungubani futhi wamukele ngempela ubuwena kuKristu.

Ukunqoba Impi Engqondweni Yakho
Izinsuku ezingu-7
Iningi lezimpi zempilo liyanqotshwa noma liyalahleka engqondweni. Manje-ke siqala kanjani ukunqoba ezinye zalezo zimpi? Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezngu-7 oluvela encwadini keMfundisi u-Craig Groeschel weLife.Church, sizothola indlela yokulwa nemicabango enobuthi, ukunqoba ukucabanga okungalawuleki, futhi siqale ukunqoba impi emiqondweni yethu sisebenzisa iqiniso likaNkulunkulu njengohlelo lwethu lwempi.

Zila Ukudla NjengoDaniyeli (Izinsuku ezingu-10)
Izinsuku eziwu 10
Kunoma ubani ofuna ukuvulela uNkulunkulu indawo kodwa azonde ukuzila ukudla, ngikuphathele into nje—uhlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-10 olusekelwe encwadini ethi, Zila Ukudla NjengoDaniyeli! Incwadi ethi I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI, futhi ngiye ngabona wonke umuntu ohlanganyele kulokhu kuzila ethola okuthile okukhulu okuvela kuNkulunkulu! Lungela ukuxhuma kuYe futhi ubuke uNkulunkulu edala ushintsho lwempilo!

Ukuphila Okunamandla—Qala Ukuphila Ngempela
Izinsuku eziwu 12
uJesu akazange alahle ukuphila Kwakhe okuphelele ukuze ukwazi Ukuphila nje eyakho. Abafana abayisikhombisa—njengawe—babekele eceleni izinsuku ezimbalwa zokwehlisa ijubane, ukuzijabulisa, ukuthola izimpendulo, futhi bakuqophe konke kuvidiyo. Ingabe ukuphila kuwumsebenzi kanye nengcindezi nje? Siphuma kanjani ku-treadmill yokusebenza? Ngingakwazi ukukhululeka ekuluthweni? ngiqala kanjani ukuphila ngempela? Qala lolu hlelo lwebhayibheli lwe-Life.Church nabanye abangani ukuze uthole kabanzi.

Zila ukudla njengo Daniyeli
Izinsuku ezingu-21
Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.