Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 22:34

Isimo sengqondo
Izinsuku ezingu-7
Ukuba nesimo sengqondo esilungile kuzo zonke izimo kuyinselela yangempela. Loluhlelo lwezinsuku eziyisi khombisa luzokunika umbono weBhayibheli, ngendinyana emfushane yosuku ngalunye. Funda indinyana, uthathe isikhathi uzihlolisise ngeqiniso, bese uvumela uNkulunkulu ukuthi akhulume nesimo sakho. Ukuthola okunye, bheka i finds.life.churh

Uthando Luyahlala Iviki Elingcwele
Izinsuku ezingu-8
Kunzima ukucabanga ukuthi uJesu wayecabangani futhi ezizwa kanjani ezinsukwini eziholela ekuweleni, kodwa into eyodwa esiyaziyo—ukwethemba kwakhe nesiqiniseko sakhe ebuhleni nothando oluthembekile lukaNkulunkulu. Thatha uhambo kuleli sonto Elingcwele ngokusebenzisa amavangeli, hamba noJesu, buza uNkulunkulu umbuzo olula, futhi uhlangabezane nothando olukhulu lukaNkulunkulu.

Uba kanjani Umakhelwane
Izinsuku eziwu 10
Kuthiwani uma kungadingeki sihambe ibanga elide ukuze sisondele kubantu abakude noNkulunkulu? Kuthiwani ukube amaKristu ayengomakhelwane abangcono kakhulu? Ingabe umgwaqo wakho ungashintsha? Ingabe izulu laliyogcwala ngokwengeziwe? Esikhathini eside esidlule, umholi wenkolo wabuza uJesu indlela yokungena ezulwini. Ujesu waphendula ngombuzo, kwase kuba indaba kaMakhelwane Omuhle. Akumangalisi, eminyakeni eyingu-2000 kamuva indaba kaJesu isachaza indlela yomakhelwane. Joyina uMfundisi Craig Groeschel kanye ne-Life.Church kumhlahlandlela osebenzayo, ogcwele indaba wokuhlanganyela nomakhelwane bakho futhi ubathande njengoba uzithanda wena. Kodwa ungamane uliyunde—Iphile!

Amaphutha Amakhulu angu-12 Angagwenywa Abazali
Izinsuku eziwu 12
Udkt. Tim Elmore ujoyina i-Life.Church ukuze wabelane Ngamaphutha Amakhulu Angu-12 Angagwenywa Abazali. Sonke sifunela izingane zethu okungcono kakhulu, kodwa ngezinye izikhathi izinhloso zethu ezinhle zidukisa izindlela zazo. Masilungise inkambo futhi siholele izingane zethu ekubeni abantu abadala abaphumelelayo nabalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. Ukuze uthole okunye okuqukethwe, bheka okuningi ku-finds.life.church