Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 18:4

Ungayeki
Izinsuku ezingu-7
Wake wakhathala noma wehlulwe kakhulu empilweni waze wafuna ukuphonsa ithawula futhi ulahle ithemba? Ibhayibheli ligcwele isikhuthazo sokukhuthazela nokuqhubeka! Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku eziyi-7 luzokuvuselela ohambweni oluzayo.

Indlela Engcono
Izinsuku ezingu-7
Ingabe uke uzizwe sengathi wenza zonke izinto ezifanele ngayo yonke imiphumela engalungile? Mhlawumbe uzama ukuxhumana noNkulunkulu, kodwa uzizwa uqhelelene Naye kunangaphambili. Uma usonqenqemeni lokutubeka, lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo yoMfundisi uCraig Groesschel, lungolwakho. Sekuyisikhathi sokuyeka ukusebenzela uJesu futhi uqale ukuhamba endleleni kaJesu.

Ukukhuleka njengo Jesu
Izinsuku ezingu-7
Ingabe usukulungele ukujulisa impilo yakho yomkhuleko, kodwa awunasiqiniseko ukuthi ungaqala kanjani? Ake sibhekisise iziyalezo uJesu asinika zona mayelana nendlela yokuthandaza kuMathewu 6. Funda ukuthi ungakhuleka kanjani njengoJesu kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel.

Zila ukudla njengo Daniyeli
Izinsuku ezingu-21
Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.

Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani
Izinsuku ezingu-21
Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.

Umkhuleko
Amaviki awu-21
Funda ukukhuleka kahle, ngemikhuleko yokukholwa kanye ngamazwi kaJesu uqobo. Thola ukukhuthazeka ukuqhubeka ukuletha izicelo zakho kuNkulunkulu ngazo zonke izinsuku, ngokubambelela kanye nokubekezela. Hlola izibonelo zemkhuhleko eyize, yokuzenza olungile, uyilinganise nemikhuleko ecolekile ebuya kulabo abanezinhliziyo ehlanzekile. Khuleka ungaphezi.