Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 17:15

Amandla Obunye
Izinsuku eziwu 4
Abantu abaningi bakhetha ukubekezelelana ngokobuhlanga esikhundleni sobunye. Sizobhunga ngezinhlanga ezahlukene. Mhlawumbe sizohambela ngisho nemibuthano yezinhlanga. Kodwa uma umcimbi usuphelile, sihamba ngezindlela zethu ezahlukene. Lokhu kusikhombisa ukuthi kuthatha okungaphezu kokumomotheka, ukuxhawula kanye “nobungani” ukuvala leli gebe lobuhlanga. Kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-4, uDkt. Tony Evans uzothatha uhambo olubheke ebunyeni beBhayibheli.

Injabulo Ngaphezu Kwengcindezi: Indlela Yokwenza Injabulo Ibe Umkhuba Wansuku Zonke
izinsuku ezingu-6
Sicindezelekile. Isiko lisitshela ukuthi silwe nokucindezeleka kwethu ngokujaha umzuzu wenjabulo olandelayo. Kodwa iBhayibheli lisinikeza isithombe esehlukile. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha luzokukhombisa ukuthi ungalwa kanjani nokucindezeleka kwakho kwansuku zonke ngokwenza umkhuba ngenjabulo yeBhayibheli.

20/20: Uboniwe. Ukhethiwe. Uthunyelwe. Ibhalwe nguChristine Caine
izinsuku ezingu-7
Ungacabanga uzizwa ubonwa nguNkulunkulu kangangokuthi awukwazi ukuzibamba kodwa ubone abanye? Ungayibona ngeso lengqondo impilo yakho yansuku zonke, ejwayelekile inomthelela obalulekile waphakade? Lokhu kuzinikela kwezinsuku ezingu-7 okuvela ku-Christine Caine kuzokusiza ukuthi uthole ukuthi uNkulunkulu ukubone kanjani, wakukhetha, futhi wakuthuma kanjani ukuthi ubone abanye futhi ubasize bazizwe bebonwa ngendlela uNkulunkulu ababona ngayo—ngombono ka-20/20.

Ukukhuleka njengo Jesu
Izinsuku ezingu-7
Ingabe usukulungele ukujulisa impilo yakho yomkhuleko, kodwa awunasiqiniseko ukuthi ungaqala kanjani? Ake sibhekisise iziyalezo uJesu asinika zona mayelana nendlela yokuthandaza kuMathewu 6. Funda ukuthi ungakhuleka kanjani njengoJesu kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluvela kuMfundisi u-Amy Groeschel.