Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 1:3

Kuyaziwa - Isifundo Sezinsuku Ezinhlanu ngo-Tauren Wells
Izinsuku ezi-5
Ingoma yami entsha ethi "Kuyaziwa" ibalulekile ohambweni lwami lokholo. Isifiso sami ukuthi ngelinye ilanga sonke sizovuma ukuhamba sisuka ekuphelelweni ithemba siye ethembeni, ekulimaleni siye ekwelaphekeni, sisuka emzabalazweni ukuze sizinikele—siqalaze ekamelweni, ngaphansi kwesiphambano, sibonane futhi sizwe uJesu esitshela ukuthi asisodwa. Ngiyabonga ngokuhlanganyela nami kulolu hambo. -nguTauren Wells

UKhisimusi nje Uhlelo lokufunda lwezinsuku ezinhlanu lwe-YouVersion mayelana Nokubuyisela Ukuthula Kwamaholide ngu-Tama Fortner
izinsuku ezingu 5
Yehlisa ijubane futhi ujabulele isikhathi noMsindisi kule sizini. Khetha ukuma kancane uzindle njengoba kwenza uMariya, uduke esimangalisweni sika-Imanuweli, kaNkulunkulu unathi. Kulo nyaka, makube nguKhisimusi nje.

5 Imithandazo Yokuthobeka
izinsuku ezingu 5
Udinga umusa, isihe, nesibusiso sikaNkulunkulu okwengeziwe? Khona ke khuleka lemithandazo emihlanu elula yokuthobeka, ucele iNkosi ukuthi ikwenzele umusa futhi ikusize. Uyakuwuphendula umkhuleko wakho; Abathobekileyo ubapha umusa! Futhi uma uzithoba phambi kukaJehova, uyokuphakamisa.

Vuka Ukhanye
izinsuku ezingu 5
Abantu bajwayele ukuthi, “Nika uNkulunkulu imithwalo yakho.” Uke uzibuze: Ngingakwenza kanjani lokho? Ukuphuka komhlaba kuzwakala kusinda kakhulu. Futhi njengoba ufisa ukukhanyisa ukukhanya kukaJesu, uyazibuza ukuthi lokho kubukeka kanjani uma uzama ukubona ukukhanya ngokwakho. Lesi sifundo sibheka ukuthi singaba kanjani izibani kuJesu noma umhlaba wethu uzwakala umnyama.

Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John Piper
Izinsuku ezingu-7
Izinsuku ezi-7 Zokufunda Ngokuzinikela kuMoya Ongcwele ngoJohn Piper

Ungqondongqondo
Izinsuku ezingu-7
Konke kusekhanda lakho. Kodwa kuthiwani uma lokho kuyinto enhle? Imicabango yethu ingaphezu kokusabela kulokho okwenzeka ezimpilweni zethu—ingamandla anamandla okubumba lokho esiyikho nokuthi singaba ngubani. Funda kubantu bansuku zonke abafana nawe ukuthi ungalisebenzisa kanjani iqiniso elinamandla kwabaseRoma 12:2 ukuze uvule ungqondongqondo ongaphakathi kuwe.

Ukuthandaza Ngokumangalisayo NgoKhisimusi
Izinsuku ezingu-7
Indaba kaKhisimusi iyisimangaliso emva kwesinye. Kodwa ngezinye izikhathi izincazelo ziiyajwayeleka ize ilahlekelwe wumthelela. Lemikhuleko yokuzindla emifushane ikusiza ngokuthi uhlale uzinze ezenzakalweni ezingalindelekile nezibalulekile emlandweni: ukuthi uNkulunkulu yena siqu waba ngomunye wethu. Umthandazo ngamunye ubhalwe ngu David Mathis, inhloko yomdidiyeli kwa desiringGod.org ongumfundisi e Cities Church e Saint Paul, Minnesota.

IBhayibheli Liyaphila
Izinsuku ezi-7
Kusukela ekuqaleni kwesikhathi, iZwi likaNkulunkulu libuyise ngenkuthalo izinhliziyo nezingqondo-futhi uNkulunkulu akakapheli. Kulolu hlelo olukhethekile lwezinsuku eziyi-7, ake sibungaze amandla okuguqula impilo yemiBhalo ngokubhekisisa ukuthi uNkulunkulu ulisebenzisa kanjani iBhayibheli ukuthinta umlando nokuguqula izimpilo emhlabeni wonke.

U-Ruthe: Indaba Yothando LukaNkulunkulu Oluhlengayo
Izinsuku ezingu-7
Mhlawumbe enye yezindaba ezimfushane ezihlaba umxhwele kunazo zonke ezake zaba khona, incwadi kaRuthe ilandisa ngothando lukaNkulunkulu oluhlengayo. Incwadi kaRuthe iyindaba emnandi yokuthi uNkulunkulu usebenzisa kanjani izimpilo zabantu abajwayelekile ukwenza intando Yakhe yobukhosi. Ngemifanekiso emihle yothando lukaKristu kanye nomhlatshelo wabantu Bakhe, sikhonjiswa ibanga uNkulunkulu ahamba ngabo ukuze ahlenge abantwana Bakhe.

Amazwi kaJesu Esiphambanweni
8 Izinsuku
Inkulu kakhulu indaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Siyozama ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.

Ithemba KuKhisimusi
Izinsuku eziwu 10
Kubantu abaningi kakhulu, uKhisimusi uye waba uhlu olude lwezinto okumele zenziwe okubenza bakhathale, futhi bafise ukuba angabe sekungu Disemba 26. Kulolu chungechunge lwemiyalezo, uMfundisi Rick ufuna ukukusiza ukhumbule isizathu sokugubha uKhisimusi nokuthi kungani kumele kushintshe, hhayi nje kuphela indlela ogubha ngayo amaholidi kodwa yonke impilo yakho.

Noel: UKhisimusi Ungowabo Bonke Abantu
Izinsuku eziwu 12
Ezinsukwini eziyishumi nambili ezilandelayo, sizothatha uhambo lokuxoxa ngendaba kaKhisimusi sithole hhayi kuphela nje ukuthi kungani kuyindaba enkulu eyake yaxoxwa, kodwa futhi kungani uKhisimusi kungowowonke umuntu!

Umkhuleko: Ukuzinikela kwezinsuku ezingu-14 ngoTim Keller
Izinsuku eziwu 14
Umbhali odumile kanye nomfundisi odumile uThimothi Keller we-New York Times uhlola amandla omkhuleko, nokuthi abafundi bangenza kanjani imithandazo eyengeziwe yomuntu siqu nabanamandla, benza uxhumano olujulile noNkulunkulu.

Umthelela wemiBhalo
Izinsuku ezingu-15
Lithini iBhayibheli ngeBhayibheli? Ithini incwadi yasendulo kubantu banamuhla? Lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church Bible luhlola indima engadlalwa umBhalo ekuphileni kwethu kwansuku zonke ngokufundwa kweBhayibheli okuveza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liseyiZwi Lakhe kithi namuhla.

Isimangaliso Esingapheli | uhlelo lokufunda lukaKhisimusi oluvela ebandleni le-New Life Church
Izinsuku ezingu-19
Lolu hlelo lwamaviki amathathu lusidlulisa ezimangalisweni ezingaphelelwa yisikhathi zokuthi uNkulunkulu weza kanjani kithi ngendodana yakhe, uJesu. Uhlelo luhlelelwe ukuthi luqale ngoMsombuluko ukuze impelasonto ngayinye ihlanganise okuqukethwe okufushane okuhloselwe ukuphumula nokuzindla ngesikhathi samaholide. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukuthi ukuzalwa kukaKristu kusho ukuthini ngekusasa lethu, elamanje, kanye nesikhathi esedlule.

Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani
Izinsuku ezingu-21
Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.