Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 1:2

Injabulo InguMuntu
Izinsuku eziwu 4
Impilo inzima! Siyazabalaza ebudlelwaneni bethu futhi izinqolobane zethu zengqondo nezomzwelo azinalutho. Sidinga okuthile okukhulu kakhulu kunalokho esingakwazi ukukuthinta, ukuthenga noma ukuzenzela ngokwethu. Into ezosisiza sisinde ezinkathini ezinzima kakhulu zokuphila. Joyina uRobin Meadows njengoba abelana ngalolu hlelo lwezinsuku ezingu-4 oluthathwe esifundweni seBhayibheli esigcwele iNjabulo Ingumuntu: Ukucwiliswa Okujulile KwabaseFilipi.

Ngikhungathwe Izibusiso Zami (Ingxenye 4)
izinsuku ezingu 5
Isikhuthazo komama esivela kumama owethule izingane zakhe ezingu-7 futhi waphila ukuze azixoxele ngakho. Lokhu kuyingxenye 4 kwezingu-12 zokuzinikela kulolu chungechunge oluvela kuRobin Meadows!

Ukuzuza Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu
izinsuku ezingu 5
Abaningi bethu babheka ukuhlakanipha njengento ehlangene nabantu abanesipiliyoni esiningi. Kodwa, singaba nakho ngempela kungakhathaliseki ukuthi sesiphile isikhathi eside kangakanani. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 luzokunikeza ukuqonda ukuthi kuyini ngempela ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuthi ungakuthola kanjani.

Ukuphila: Impilo yeNjabulo
izinsuku ezingu 5
Emhlabeni kunabantu abanohlonze. Injabulo yabo iyathelelana, ukuthula kwabo kujulile, nozwelo lwabo luyaheha. Ukhethelwe ukuthi uphile ngokugqama ngesikhathi sakho emlandweni. Awugcinanga nje ngokunikezwa umsebenzi wokuphila ngokugqama, kodwa futhi ukuhlomele ngokugcwele ukuphila impilo enempilo nechumayo.

Ukuphila Kushintshile: NgoKhisimusi
izinsuku ezingu 5
Kukho konke ukuphithizela kwamaholide, kungase kube lula ukulahlekelwa umbono wokuthi kungani sigubha. Kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 zokuza, sizongena ezithembisweni ezigcwaliseke ngokuzalwa kukaJesu nethemba esinalo ngekusasa. Njengoba sifunda okwengeziwe ngokuthi uNkulunkulu ungubani, sizothola ukuthi singaphila kanjani phakathi nesikhathi samaholide ngethemba, ukholo, injabulo, nokuthula.

Indlela Yokudlula Ekuhluphekenu Futhi Ubuye Ngamandla
Izinsuku ezingu-7
Ngamunye wethu uqinisekile ukuthi uzohlupheka ngesikhathi esithile ekuphileni kwethu. Njengomeluleki, ngiye ngabona abagulayo beguqulwa. Ngike ngabona labo abake baphelelwa amandla ngenxa yokuhlukumezeka befunda ukuhlupheka kahle. Kulesi sifundo esifushane, ngithandazela ukuthi uqonde ukuthi indaba yakho ayikakapheli. ungabhekana nokuhlupheka, kodwa ungahlupheka kahle. Ungabuza, Yini elandelayo? esikhundleni sokunamathela ekubuzeni, Kungani? Ungamelana nakho.

Nkulunkulu, Ukuphi?! No-John Bevere
Izinsuku ezingu-7
Ingabe uzizwa ulahlekile ngesikhathi sobunzima, uyazibuza, “NKULUNKULU, UKUPHI?!” Kulolu hlelo oluvula amehlo, umbhali othengisa kakhulu uJohn Bevere ukuhlomisa ngemininingwane ebalulekile yebhayibheli nezindaba ezijulile ezizokusiza ukuthi uhlole izinkathi zakho zonyaka ezomile noma ezinzima futhi ungene kukho konke uNkulunkulu akuhlelele khona.

Injabulo: Ukubalwa KukaKhisimusi
Izinsuku ezingu-7
UKhisimusi kufanele ube yinkathi yentokozo — kodwa eqinisweni yini intokozo futhi uyikhetha kanjani uma umhlaba ugcwaliswe ubuhlungu nobunzima? Thola ukuthi “intokozo emhlabeni” eqinisweni isho ukuthini ngokujula endabeni kaKhisimusi, ngalesisipesheli sepulani kaKhisimusi sezinsuku eziyisikhombisa.

Amaphupho Ahlengiwe
Izinsuku ezi-7
Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.

Ukuhlala Ekuthuleni: Izinsuku Ezingu-7 Zokulinda Ngaphakathi Kwesithembiso SikaNkulunkulu
Izinsuku ezingu-7
Kunezikhathi lapho sinesithembiso esivela kuNkulunkulu, kodwa asiyiboni impilo yethu ihambisana nesithembiso uNkulunkulu asinike sona. Noma kunezikhathi lapho sifika empambano mgwaqo empilweni yethu, sithembele kuNkulunkulu ukuthi akhulume isiqondiso ezimpilweni zethu, bese sizwa ukuthula kuphela. Le nkonzo yezinsuku ezingu-7 izokhuluma nenhliziyo yakho mayelana nendlela yokuhamba eNtandweni kaNkulunkulu lapho uNkulunkulu ebonakala ethule.

Amaphutha Amakhulu angu-12 Angagwenywa Abazali
Izinsuku eziwu 12
Udkt. Tim Elmore ujoyina i-Life.Church ukuze wabelane Ngamaphutha Amakhulu Angu-12 Angagwenywa Abazali. Sonke sifunela izingane zethu okungcono kakhulu, kodwa ngezinye izikhathi izinhloso zethu ezinhle zidukisa izindlela zazo. Masilungise inkambo futhi siholele izingane zethu ekubeni abantu abadala abaphumelelayo nabalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. Ukuze uthole okunye okuqukethwe, bheka okuningi ku-finds.life.church

Uguqulwe Ngeqiniso
Izinsuku eziwu 12
Elinye lamaqhinga kaSathane amakhulu ukwenza abantu bazizwe bebodwa ekungabazeni, ekwesabeni nasezilingweni zabo. Lokhu kuzinikela kugqamisa iqiniso mayelana nezindawo ezivamile phakathi kohambo lobuKristu abesifazane abasebasha abangase babhekane nazo. Ezinsukwini ezingu-12, uzofunda ukubona amanga uSathane akutshela wona futhi wazi iqiniso elitholakala kuKristu. Ungase uthole nokuthi awuwedwa emizabalazweni yakho njengoba ucabanga ukuthi uwedwa.

Oswald Chambers: Injabulo - Amandla Enkosini
Izinsuku ezingu 30
Thola ukuhlakanipha kuka-Oswald Chambers, umbhali wencwadi ethi- My Utmost for His Highest, kule ngcebo yolwazi ngenjabulo. Ukufunda ngakunye kufaka izingcaphuno ezivela ku-Chambers kanye nemibuzo ongazindla ngayo. Njengoba ekukhuthaza futhi ekubekela inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli, uzozithola ufuna ukuchitha isikhathi esiningi ukhuluma noNkulunkulu.

Umthelela Wenjabulo
Izinsuku ezingu 31
Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.