Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 7:14

Isipho
izinsuku ezingu 5
Kuyisikhathi sonyaka esimangalisayo kakhulu, kodwa sizithola simatasa ngamaholidi. KuloKhisimusi, kunganjani uma sibuyisa lesimanga? Kule pulani yeBhayibheli yezinsuku ezinhlanu ehambisana nochungechunge lukaMfundisi Craig Groeschel, Isipho, sizothola ukuthi izipho ezintathu izazi ezazinika uJesu, zingasiholela kanjani endaweni yesimanga nendumiso namhlanje.

Kithi: Sibungaza Ukufika KukaJesu
izinsuku ezingu 5
Ku Isaya 9: 6, siyabona ukuthi uJesu unguMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade,, neNkosi yokuthula. Kule pulani yezinsuku ezinhlanu, sizogubha ukufika kukaJesu ngokufunda ngamagama akhe ahlukene, nokuthi anomthelela muni ezimpilweni zethu namuhla.

Ukuphila Kushintshile: NgoKhisimusi
izinsuku ezingu 5
Kukho konke ukuphithizela kwamaholide, kungase kube lula ukulahlekelwa umbono wokuthi kungani sigubha. Kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 zokuza, sizongena ezithembisweni ezigcwaliseke ngokuzalwa kukaJesu nethemba esinalo ngekusasa. Njengoba sifunda okwengeziwe ngokuthi uNkulunkulu ungubani, sizothola ukuthi singaphila kanjani phakathi nesikhathi samaholide ngethemba, ukholo, injabulo, nokuthula.

UNkulunkulu unathi
Izinsuku ezingu-7
Ukhisimusi uyisikhathi sentokozo enkulu, owuphawu lokuzalwa kukaJeau, uMsindisi wethu. Ziningi iziphrofetho ebhayibhelini lilonke ezikhuluma ngokuza kukaJesu, kulesikhathi sokuzinikezela, sizobheka amagama ayisikhombisa uNkulunkulu awasebenzisayo eMbhalweni ukumemezela ukuza kwaKhe. Sizocubungula ukuthi uJesu yena uhlanganiselwe kanjani kwigama ngalinye kulamagama nokufanana kwaloku kithina namhlanje njengasezinsukwini ayehamba ngazo la emhlabeni.

Ukuthola kabusha Isikhathi sikaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
Qala isiko elisha likaKhisimusi ngokusonta okungekona okwesiko kwisizini ye-Advent. Usuku olukahle lokuqala lo mdlalo lungomhla ka-1 Disemba, kuyilapho ukuqala kwangaphambilini kuvumela ijubane elinethezekile. Kufaka phakathi imibuzo yokuzindla kanye nezinyathelo zesenzo zokugxila kuKristu usuku ngalunye. Ilungele abantu ngabanye, imindeni, noma amaqembu amancane.

Umlingo KaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
Kwabanye, uKhisimusi uyisikhathi senjabulo nokugubha. Kwabanye, kuyisikhumbuzo esibuhlungu salokho okulahlekile. Akukhathalekile ukuthi uhlangabezana nani kulesi sikhathi samaholide, uKhisimusi uyithuba lokugxila emthonjeni wethemba lethu. Sikumema ukuthi ujoyine abasebenzi baseNorth Point ezinsukwini ezingu-25 ezizayo njengoba sihlangana ukuze sijabulele umlingo kaKhisimusi. Joyina ingxoxo usebenzisa i-#NPDevo.

Ukuza: Uhambo lukaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
UKhisimusi ngeqiniso uyindaba enkulu kunazo zonke: indaba yokwethembeka kukaNkulunkulu, amandla, insindiso, nothando olungapheliyo. Asithatheni uhambo kulezinsuku ezilandelayo ezi-25 ukuthi sizwe ngohlelo lukaNkulunkulu lokusindisa izwe esonweni nezethembiso ezafezwa ngokuzalwa kweNdodana Yakhe.