Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Isaya 58:9

Uba kanjani Umakhelwane
Izinsuku eziwu 10
Kuthiwani uma kungadingeki sihambe ibanga elide ukuze sisondele kubantu abakude noNkulunkulu? Kuthiwani ukube amaKristu ayengomakhelwane abangcono kakhulu? Ingabe umgwaqo wakho ungashintsha? Ingabe izulu laliyogcwala ngokwengeziwe? Esikhathini eside esidlule, umholi wenkolo wabuza uJesu indlela yokungena ezulwini. Ujesu waphendula ngombuzo, kwase kuba indaba kaMakhelwane Omuhle. Akumangalisi, eminyakeni eyingu-2000 kamuva indaba kaJesu isachaza indlela yomakhelwane. Joyina uMfundisi Craig Groeschel kanye ne-Life.Church kumhlahlandlela osebenzayo, ogcwele indaba wokuhlanganyela nomakhelwane bakho futhi ubathande njengoba uzithanda wena. Kodwa ungamane uliyunde—Iphile!

Zila ukudla njengo Daniyeli
Izinsuku ezingu-21
Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.