Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 11:24

Nginentshiseko
Izinsuku eziwu 4
Ike uzizwe uphansi? Awuwedwa—ngisho neNkosi uDavide yaphelelwa injabulo. Qala ukufunda ingxenye yesihlanu yochungechunge oluthi Hlala Unethemba olunezingxenye eziyisithupha futhi uvuselele umdlandla wakho.

Umnqobi: Ukuthola Amandla eZikhathini Zobunzima
Izinsuku eziwu 4
Ukunqoba ezikhathini zobunzima ungakuzwa njengento engeke yenzeka, nxa wedlula kuzona. Kodwa ngokubonga, UNkulunkulu uyakwazi ukwenza okungaphezulu kunalokho esikucelayo nesikucabangayo. Kulesisifundo sezinsuku ezine, thola ukuthi UNkulunkulu angakukhokhela kanjani ubuhlungu nokudumazeka kwakho akunike injongo.

Ukholo olumangazayo
izinsuku ezingu 5
Kunento engaphakathi kuwe ekholelwa kokungenakwenzeka. Kukhona okuphuphayo emini ngesimangaliso. Kukhona okwaziyo ukuthi wenziwe ukuphila impilo yokukholwa okumangalisayo. Kule nkonzo yezinsuku ezinhlanu, uMfundisi uMichael Todd uzoba umhlahlandlela wakho ohambweni lokholo njengoba ekusiza ukuthi uthole umbono omusha ngezinhlelo zikaNkulunkulu ngawe: ikusasa obungakaze ulokothe ulicabange.

Inkazimulo kaNkulunkulu eZulwini.
Izinsuku eziwu 10
NjengamaKrestu, sikhula sizwa izindaba ezimayelana noJesu, owafa esikhundleni sethu, wabuye wavuka ekufeni ukuze aqinisekise ukuvuselwa kwethu ezulwini. Sinobuhlakani nolwazi lokuqonda ukuthi izulu liyikhaya lethu. Siyobona inkazimulo kaNkulunkulu ezulwini. Lolu chungechunge lwezinsuku ezingu-10 lokuzinikela lugxile ekhaya lethu laphakade, eliphelele ezulwini.

Ithemba Ebumnyameni
Izinsuku eziwu 12
Lolu Hlelo LweBhayibheli olwanoma ubani ozwa ubuhlungu futhi ongaqondi ukuthi kungani. Uma ulahlekelwe okuthile, othile, noma ukholo lwakho luzwakala luntengantenga kwaze kwaba seqophelweni lokuphuka, khona-ke lolu Hlelo LweBhayibheli Oluvela encwadini kaMfundisi weLife.Church uCraig Groeschel, Hope in the Dark, ingase ibe yilokho kanye okudingayo. Uma ufuna ukukholwa, kodwa ungaqiniseki ukuthi kanjani, lokhu kungokwakho.