Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KumaHeberu 10:35

Ngiyazethemba
Izinsuku eziwu 4
Abaningi bethu bathuthumela phakathi kokungazethembi nokuzethemba okungamanga. Lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezine oluvela ku-Life.Church luzobeka isisekelo sakho esisha ekuthembeni kuNkulunkulu. Qala ukufunda ingxenye yesithupha yochungechunge oluthi Hlala Unethemba olunezingxenye eziyisithupha.

Indlela YoMbuso
izinsuku ezingu 5
UNkulunkulu uvusa iBandla Lakhe, futhi sidinga ukubona isithombe esikhulu. Lapho izikhathi ziba nzima, sizolingeka ukuba siyeke. Nokho, akusona isikhathi sokuyeka. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukufunda izikhathi esikuzo, futhi sizuze namasu okuthi singama kanjani futhi siqhubekisele phambili uMbuso kaNkulunkulu.

Ukulinda uNkulunkulu
Izinsuku ezingu-8
Ingabe ulindele ukuba uNkulunkulu aphendule imithandazo yakho? Ingabe izinsuku, izinyanga, neminyaka kudlula ngaphandle kobufakazi bokuthi ukulangazelela kwakho okujulile kuyoke kugcwaliseke? Uma kunjalo, awuwedwa. Joyina uDkt. Charles Stanley njengoba ekhuluma ngolwazi lomuntu siqu nezimiso zeBhayibheli ukuze akunikeze isikhuthazo lapho ithemba libonakala lingasekho kanye nesiqondiso sokukusiza ukuba usebenzise ngokugcwele ukubambezeleka kukaNkulunkulu.
