Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseGalathiya 5:13

NGENA ENJONGWENI
izinsuku ezingu 5
Iyini inhloso yami? Ngihloselwe ukwenzani ngempilo yami? Liyini icebo likaNkulunkulu ngami? Yonke lena imibuzo abaningi bethu abazibuza ngesikhathi esithile empilweni yethu. Sihlose ukuphendula eminye yale mibuzo njengoba siqaqa ukuthi kuyini ukungena enjongweni yakho. joyina abambalwa bethu babafundi baseKholeji le-C3 njengoba besikhanyisela ngalesi sihloko.

Uthando Olumangazayo noFrancis Chan
Izinsuku ezingu-7
Kuthathwe encwadini yakhe ethengiswa kakhulu ye-New York Times ethi "Uthando Olumangazayo," uFrancis Chan uhlolisisa uthando lukaNkulunkulu olumangalisayo ngathi, nokuthi impendulo yethu efanele othandweni olunjalo kufanele ibukeke kanjani. Kodwa akagcini lapho, usibekela inselele yokuba sizindle ngobukhulu bukaNkulunkulu kanye nomehluko omkhulu phakathi kobukhosi Bakhe baphakade nokuphila kwethu kwesikhashana lapha emhlabeni.

Ukuthola Ukuphumula Ngezigqi Zokuphila
Izinsuku eziwu 10
Njengoba sinemisebenzi eminingi kanye neziphazamiso ezilwela ukunakwa kwethu, ngokujwayelekile sigcina sisemjikelezweni ongenampilo yokuphumula. Siyalwa futhi sizikhandle ngokumelene nenhloso kaNkulunkulu ngezimpilo zethu futhi sizigqilaze. Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-10 luzokwethula ezindleleni zikamoya ezizokusiza ukuthi uthole eNkosini futhi uthole ukuhlanganyela kanye nokusondelana nayo—kanye nokuphumula komphefumulo kwangempela.

Isimangaliso Esingapheli | uhlelo lokufunda lukaKhisimusi oluvela ebandleni le-New Life Church
Izinsuku ezingu-19
Lolu hlelo lwamaviki amathathu lusidlulisa ezimangalisweni ezingaphelelwa yisikhathi zokuthi uNkulunkulu weza kanjani kithi ngendodana yakhe, uJesu. Uhlelo luhlelelwe ukuthi luqale ngoMsombuluko ukuze impelasonto ngayinye ihlanganise okuqukethwe okufushane okuhloselwe ukuphumula nokuzindla ngesikhathi samaholide. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukuthi ukuzalwa kukaKristu kusho ukuthini ngekusasa lethu, elamanje, kanye nesikhathi esedlule.