Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseGalathiya 4:4

Ngikulindile Lapha, Uhambo lweThemba oluzayo
Izinsuku ezingu-7
Lesi isikhathi sokulindela nokulungiselela. Hlanganyela nomfundisi kanye nombhali wezinwadi uLouie Giglio ohambeni lokulungiselela nokuqonda ukuthi ukulinda akukhona ukuchitha isikhathi uma ulinde kuJehova. Thatha lelithuba ukwembuleleka ngethemba elikhulu elitholakalayo ekuthatheni isikhathi sokulinda. Ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo uzothola ukuthula nokuvuseleleka emoyeni wakho usalangazelele umgubho omkhulu!

Uba kanjani Umakhelwane
Izinsuku eziwu 10
Kuthiwani uma kungadingeki sihambe ibanga elide ukuze sisondele kubantu abakude noNkulunkulu? Kuthiwani ukube amaKristu ayengomakhelwane abangcono kakhulu? Ingabe umgwaqo wakho ungashintsha? Ingabe izulu laliyogcwala ngokwengeziwe? Esikhathini eside esidlule, umholi wenkolo wabuza uJesu indlela yokungena ezulwini. Ujesu waphendula ngombuzo, kwase kuba indaba kaMakhelwane Omuhle. Akumangalisi, eminyakeni eyingu-2000 kamuva indaba kaJesu isachaza indlela yomakhelwane. Joyina uMfundisi Craig Groeschel kanye ne-Life.Church kumhlahlandlela osebenzayo, ogcwele indaba wokuhlanganyela nomakhelwane bakho futhi ubathande njengoba uzithanda wena. Kodwa ungamane uliyunde—Iphile!

Ukuthola kabusha Isikhathi sikaKhisimusi
Izinsuku ezingu-25
Qala isiko elisha likaKhisimusi ngokusonta okungekona okwesiko kwisizini ye-Advent. Usuku olukahle lokuqala lo mdlalo lungomhla ka-1 Disemba, kuyilapho ukuqala kwangaphambilini kuvumela ijubane elinethezekile. Kufaka phakathi imibuzo yokuzindla kanye nezinyathelo zesenzo zokugxila kuKristu usuku ngalunye. Ilungele abantu ngabanye, imindeni, noma amaqembu amancane.