Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Kwabase-Efesu 3:16

Musa Ukuzinza Ngokuphepha
izinsuku ezingu 3
Uma amazwi okungazethembi, ukungabaza, kanye nokwesaba engalungiswanga, azolawula ukuphila kwakho. Awukwazi ukuthulisa la mazwi noma ungawanaki. Kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezi-3, u-Sarah Jakes Roberts ukukhombisa ukuthi ungaphikisana kanjani nemikhawulo yesikhathi sakho esidlule futhi wamukele ukungakhululeki ukuze ungavimbeki.

Ukufunda Ukuthandwa
izinsuku ezingu 3
Ngokusekelwe encwadini entsha ethi “Ukufunda Ukuthandwa,” lolu hlelo lwezinsuku ezintathu luzokusiza ufunde ukuthi ungasuka kanjani ekwazini ngothando lukaNkulunkulu ukuze uluzwe enhliziyweni yakho. Ngezinyathelo ezingokoqobo nokuzindla ngokwethembeka, ababhali uDavid Bowden noMart Green bazokufundisa ukwamukela iqiniso lokuthi uNkulunkulu wakuthanda kuqala. Vuleleka othandweni olujulile, olungenamibandela uNkulunkulu analo ngawe. Qala namuhla ufunde ukuthi kusho ukuthini ukuthandwa ngokweqiniso.

Izikhali zikaNkulunkulu
izinsuku ezingu 5
Nsuku zonke, kuqubuka impi engabonakali eduze kwakho—engabonwa, engezwakali, kodwa ezwakala kukho konke ukuphila kwakho. Isitha esizinikele, esinodeveli sifuna ukwenza umonakalo kukho konke okubalulekile kuwe: inhliziyo yakho, ingqondo yakho, umshado wakho, izingane zakho, amaphupho akho, isiphetho sakho. Uhlelo lwakhe lwempi luncike ekukubambeni ungazi futhi ungahlomile. Uma ukhathele ukuphushwa futhi ubanjwe ungaqaphile, lolu cwaningo olwakho.

Ukhethiwe: Zikhumbuze NgeVangeli Nsuku Zonke
Izinsuku ezingu-7
Kuzokwenzekani uma uvuka futhi uzikhumbuza iVangeli nsuku zonke? Le nkonzo yezinsuku ezingu-7 ifuna ukukusiza wenze lokho kanye! Ivangeli aligcini ngokusisindisa, liphinde lisisekele ezimpilweni zethu zonke. umbhali kanye noMvangeli uMat Brown wenze lolu hlelo lokufunda olususelwe encwadini yezinsuku ezingu-30 ebhalwe nguMatt Brown noRyan Skoog.

Ukukhulisa Ubuholi ngokuhlakanipha kweBhayibheli
Izinsuku ezingu-8
Ukukhulisa ubuholi bethu kubalulekile namuhla. Kumele sandise, siqhakambise, sengeze futhi sikhulise ukuhlakanipha kobuholi bethu ukuqondisa indawo yethu eguquguqukayo. Ubuchwepheshe obuguquka ngokushesha, ukushintsha umsebenzi/imithelela yenqubo yeqembu, futhi nokushintsha kwezomnotho kungezinye izinkinga esihlangabezana nazo. Kepha ungacabangi ukuthi ukukhulisa ubuholi bethu kwenzelwa nje indawo yemsebenzi. Kumele sikhulise ukuqondisa amakhaya ethu futhi nasebudlelwaneni bethu. Jula namuhla ukuzuza ulwazi olufanelekile lokuhola.

Luyini uthando lweqiniso?
Izinsuku eziwu 12
Wonke umuntu ufuna ukwazi ukuthi uthando luyini. Kodwa bayingcosana abantu abaya ebhayibhelini ukuthola ukuthi lithini ngothando. Uthando lweyizinye zezingqalazinto zezibhalo nezinto ezibalulekile zempilo yomzalwane. Loluhlelo lease Thistlebend Ministries lufundisa ngencazo yebhayibheli mayelana nothando nokumthanda kahulu uNkulunkulu nabanye.

Isimangaliso Esingapheli | uhlelo lokufunda lukaKhisimusi oluvela ebandleni le-New Life Church
Izinsuku ezingu-19
Lolu hlelo lwamaviki amathathu lusidlulisa ezimangalisweni ezingaphelelwa yisikhathi zokuthi uNkulunkulu weza kanjani kithi ngendodana yakhe, uJesu. Uhlelo luhlelelwe ukuthi luqale ngoMsombuluko ukuze impelasonto ngayinye ihlanganise okuqukethwe okufushane okuhloselwe ukuphumula nokuzindla ngesikhathi samaholide. Hlanganyela nathi njengoba sifunda ukuthi ukuzalwa kukaKristu kusho ukuthini ngekusasa lethu, elamanje, kanye nesikhathi esedlule.

Izinsuku ezingu-21 kwabase-Efesu
Izinsuku ezingu-21
Eyabase-Efesu inothile ngamaqiniso ngoNkulunkulu nomsebenzi wakhe wokusindisa kithi. Lolu hlelo lwenzelwe ukukusiza ukuthi umbe ujule kulo mbhalo, ube ufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu kanye nawe. Isigqi sezinyathelo eziyisithupha zansuku zonke sizokusiza ukuba uzenzele umkhuba wokufunda nokuhlanganyela neZwi likaNkulunkulu. lolu hlelo lulethwe kuwe yi-Christian Standard Bible (CSB). Funda kabanzi ku-CSBible.com.

Izinsuku ezingu-21 Zokuchichima
Izinsuku ezingu-21
Ohlelweni Lwezinsuku Ezingu-21 Zokuchichima IUhlelo lwe-YouVersion, u-Jeremiah Hosford uzothatha abafundi ohambweni lwamasonto amathathu lokuzithulula, begcwaliswe ngoMoya oNgcwele, futhi baphile impilo echichimayo, egcwele uMoya. Sekuyisikhathi sokuyeka ukuphila ngendlela evamile futhi uqale ukuphila ukuphila okuchichimayo!

Khuleka
Izinsuku ezingu-24
Indlela enhle yokwakha impilo yakho yomkhuleko ukufunda ngemikhuleko yabanye. Lelisu lisenza silalele imikhuleko yamaqhawe eBhayibheli ezimweni ezahlukene kanye nezinjongo ezahlukene, futhi lenzelwe ukuhambisana nochungechunge lwemiyalezo ethi Thandaza kaCraig Groeschel. (Ungayibuka ku-inthanethi ku- life.church) Ungakhuleki uwedwa; funda lokhu okuqukethwe kanye neqembu lakho elincane.