Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 AmaKhosi 6:16

Ukuphila Kushintshile: Ukwethemba uNkulunkulu
izinsuku ezingu 5
Ngisho noma sazi ukuthi uNkulunkulu uthembekile, kungaba nzima ngathi ukuphila sivule izandla futhi simethembe ngokugcwele ngezimpilo zethu. Sifuna ukuqonda ukuthi kungani izinto zenzeka, futhi sifuna ukulawula. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-5 luzokusiza ukuthi ubone okwengeziwe ngokuthi uNkulunkulu ungubani, wenzeni, nokuthi yini ayifunayo kuwe ukuze uqale ukumethemba kakhulu.

20/20: Uboniwe. Ukhethiwe. Uthunyelwe. Ibhalwe nguChristine Caine
izinsuku ezingu-7
Ungacabanga uzizwa ubonwa nguNkulunkulu kangangokuthi awukwazi ukuzibamba kodwa ubone abanye? Ungayibona ngeso lengqondo impilo yakho yansuku zonke, ejwayelekile inomthelela obalulekile waphakade? Lokhu kuzinikela kwezinsuku ezingu-7 okuvela ku-Christine Caine kuzokusiza ukuthi uthole ukuthi uNkulunkulu ukubone kanjani, wakukhetha, futhi wakuthuma kanjani ukuthi ubone abanye futhi ubasize bazizwe bebonwa ngendlela uNkulunkulu ababona ngayo—ngombono ka-20/20.

Akungesabi Empini
Izinsuku ezingu-7
Ingabe ungumuntu ovama ukunqotshwa ukwesaba? Noma ingabe uhlala uphila ngokukholwa? Kulokhu kukhonza, funda ukuthatha izinyathelo zokholo, ukuze unikeze uNkulunkulu ithuba lokukhombisa amandla Akhe esimweni sakho esibonakala singenakwenzeka. Khuthazwa wubufakazi bomuntu siqu bokuhamba ngokungesabi esigodini sethunzi lokufa. Funda ukuphila ngaphandle kokunikeza ukwesaba isisekelo empilweni yakho.

UElisha: Indatshana Yokukholwa Okumangazayo
Izinsuku ezi-13
UElisha ungomunye wabantu abanohlonze eZwini likaNkulunkulu. Wayengumphrofethi okholo lwakhe nemimangaliso ayenza yayingakholweki. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-13 uzofunda ngempilo kaElisha futhi ufunde emzekelweni wakhe wokuthi impilo ingaba njani uma uyekelela futhi uphile ngkukholwa okungakholweki.