Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaPetru 2:15

Izenzo Zokuhlambuluka
izinsuku ezingu 5
Ukuhlambuluka kungenye yezenzo ezibalulekile esizithathayo sonke ekwazini uKristu njengoMsindisi wethu siqu. Ukuhlambuluka yisenzo sethu nokuthethelela kuyimpendulo kaNkulunkulu kithina ngenxa yothando lwakhe oluphelele ngathi. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-5, uzothola ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kanye nomkhuleko omfushane okuhloswe ukukusiza ukuba uqonde kangcono ukubaluleka kokuhlambuluka ekuhambeni kwethu noKristu. Ukuze uthole okwengeziwe, bheka ku-www.finds.life.church

Kwehlukile
izinsuku ezingu 5
Loluhlelo lwe-Life.Church Bible yisifundo sika-1 Petru esihambisana nochungechunge lukaMfundisi uCraig Groeschel oluthi, Kwehlukile. Kulo mhlaba, uzoba nezinkinga. Uzobhekana nokuphikiswa. Uzophonselwa inselelo. Futhi kunesizathu salokho: lo mhlaba awulona ikhaya lakho. ngakho-ke phendula inzondo ngothando, thola injabulo phakathi kwezilingo, futhi wethembele emandleni angaphezu kwakho siqu. Uhloselwe ukuba ... wehluke.