AmaHubo 114

114
Ukukhishwa okumangalisayo kuka-Israyeli eGibithe
1 Kwathi ukuba u-Israyeli aphume eGibithe,
indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi,
2 khona uJuda waba yindlu yakhe engcwele,
u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.
3 Ulwandle lwakubona, lwabaleka,
iJordani labuyiselwa emuva.
4 Izintaba zatshekula njengezinqama,
amagquma njengamawundlu.
5Unani wena lulwandle ukuba ubaleke,
nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva,
6nani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama,
nani magquma eninjengamawundlu, na?
7Thuthumela, mhlaba,
ebusweni beNkosi,
ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe,
8 yena ophendula idwala libe yichibi lamanzi,
insengetsha ibe ngumthombo wamanzi.

Seçili Olanlar:

AmaHubo 114: ZUL59

Vurgu

Kopyala

Karşılaştır

Paylaş

None

Önemli anlarınızın tüm cihazlarınıza kaydedilmesini mi istiyorsunuz? Kayıt olun ya da giriş yapın