1
Johane 10:10
Baasraak Zulu New Testament Bible
ZuluNT
Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.
Compare
Johane 10:10ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
2
Johane 10:11
Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.
Johane 10:11ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
3
Johane 10:27
Izimvu zami ziyalizwa ilizwi lami, lami ngiyazazi, futhi ziyangilandela
Johane 10:27ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
4
Johane 10:28
Mina ngizinika ukuphila okuphakade; azisoze zabhubha naphakade, akakho ongazihlwitha esandleni sami.
Johane 10:28ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
5
Johane 10:9
Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume, afumane idlelo.
Johane 10:9ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
6
Johane 10:14
Mina ngingumalusi omuhle, ngiyazazi izimvu zami, nezami ziyaziwa.
Johane 10:14ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
7
Johane 10:29-30
UBaba onginike zona mkhulu kunabo bonke; futhi akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. Mina noBaba simunye.
Johane 10:29-30ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
8
Johane 10:15
Njengokuba uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba, futhi ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.
Johane 10:15ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
9
Johane 10:18
Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.
Johane 10:18ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
10
Johane 10:7
Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.
Johane 10:7ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
11
Johane 10:12
Kodwa okhokhelwayo, engesiye umalusi, izimvu ezingezona ezakhe, ebona impisi iza, uyazishiya izimvu, abaleke, impisi izibambe, izihlakaze.
Johane 10:12ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
12
Johane 10:1
Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi.
Johane 10:1ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
Home
ਬਾਈਬਲ
Plans
ਵੀਡੀਓ