1
KwabaseFilipi 4:6
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
ZUL59
Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.
Compare
KwabaseFilipi 4:6ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
2
KwabaseFilipi 4:7
Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
KwabaseFilipi 4:7ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
3
KwabaseFilipi 4:8
Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho
KwabaseFilipi 4:8ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
4
KwabaseFilipi 4:13
Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
KwabaseFilipi 4:13ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
5
KwabaseFilipi 4:4
Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!
KwabaseFilipi 4:4ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
6
KwabaseFilipi 4:19
UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
KwabaseFilipi 4:19ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
7
KwabaseFilipi 4:9
enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.
KwabaseFilipi 4:9ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
8
KwabaseFilipi 4:5
Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze.
KwabaseFilipi 4:5ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
9
KwabaseFilipi 4:12
Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela.
KwabaseFilipi 4:12ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
10
KwabaseFilipi 4:11
Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani.
KwabaseFilipi 4:11ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
Home
ਬਾਈਬਲ
Plans
ਵੀਡੀਓ