1
1 kaPetru 5:7
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
ZUL59
niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
Compare
1 kaPetru 5:7ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
2
1 kaPetru 5:10
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.
1 kaPetru 5:10ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
3
1 kaPetru 5:8-9
Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.
1 kaPetru 5:8-9ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
4
1 kaPetru 5:6
Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo
1 kaPetru 5:6ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
5
1 kaPetru 5:5
Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
1 kaPetru 5:5ਪੜਚੋਲ ਕਰੋ
Home
ਬਾਈਬਲ
Plans
ਵੀਡੀਓ