YouVersion Logo
Search Icon

IsiLilo 1

1
Ukuchithwa kweJerusalema
1Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi!
Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi.
Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.
2 Uyakhala nokukhala ebusuku,
izinyembezi zawo zisezihlathini zawo;
kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo;
bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso,
sebe yizitha zawo.
3UJuda uthunjiwe ngenxa
yokuhlupheka nobugqila obuningi;
uhlala phakathi kwabezizwe,
katholi ukuphumula;
bonke abamzingelayo bamfica ephakathi kobuhlungu.
4Izindlela zaseSiyoni ziyalila
ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo;
onke amasango achithekile,
abapristi balo bayabubula;
izintombi zalo ziyahlupheka,
nalo linomunyu.
5Abamelene nalo sebe yinhloko,
izitha zalo zinokuthula,
ngokuba uJehova ulihluphile
ngenxa yobuningi beziphambeko zalo;
izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.
6Bonke ubukhosi bumukile
endodakazini yaseSiyoni;
izikhulu zalo sezinjengezindluzele ezingafumani idlelo,
zihambile zingenamandla ebusweni babaxoshayo.
7 IJerusalema liyakhumbula ezinsukwini
zokuhlupheka kwalo nezinsizi zalo
konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo;
lapho abantu balo bewela esandleni sezitha,
kungekho olisizayo,
abamelene nalo balibona,
bahleka ukuchithwa kwalo.
8 IJerusalema lalonile kakhulu;
ngalokho seliyisinengiso;
bonke ababelidumisa sebelidelela
ngokuba bebone ubunqunu balo;
seliyabubula nalo, libuyela emuva.
9 Ukungcola kwalo
kwakusemaphethelweni alo,
alikhumbulanga ukuphela kwalo;
lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi.
Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami,
ngokuba isitha sizikhulisile.
10 Isitha selulile isandla saso
phezu kwakho konke okumnandi kwalo,
ngokuba sibonile ukuthi abezizwe
bangene endlini yalo engcwele,
owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.
11Bonke abantu balo bayabubula,
befuna isinkwa sabo;
banika okumnandi kwabo ngokudla
ukuba babuyise umphefumulo.
Bheka, Jehova, ubhekisise,
ngokuba ngiyadelelwa.
12 “Akulutho kinina nonke enidlula
ngendlela na?
Bhekani, nibone
ukuba kukhona yini ubuhlungu
obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo,
uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.
13“Ephezulu ungithumele umlilo
emathanjeni ami, wawahlula;
wenekele izinyawo zami inetha,
wangibuyisela emuva.
Ungenze incithakalo,
ngiphele amandla usuku lonke.
14 “Iziphambeko zami zaboshwa ngesandla sakhe,
zaba yijoka;
zalukwa, sezisentanyeni yami;
wakhubekisa amandla ami.
INkosi inginikele esandleni sabo engingenakumelana nabo.
15 “INkosi ilahlile onke amaqhawe ami phakathi kwami;
ingibizele umhlangano ukuphahlaza izinsizwa zami;
iNkosi inyathele njengasesikhamweni sewayini
intombi eyindodakazi yakwaJuda.
16 “Ngiyakhala ngalokhu;
iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi,
ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami.
Abantwana bami bachithekile,
ngokuba isitha sahlulile.”
17ISiyoni liyelula izandla zalo,
akakho oliduduzayo.
UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe yizitha zakhe.
IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo.
18 “UJehova ulungile,
ngokuba ngihlubukile izwi lakhe.
Ake nizwe, bantu bonke,
nibone ubuhlungu bami.
Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.
19“Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa.
Abapristi bami namalunga ami bafela emzini,
besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.
20 “Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi;
izibilini zami ziyaxhaphazela.
Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami,
ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka.
Endle yinkemba eyaphucayo,
ekhaya ngukufa.
21 “Bezwile ukuthi ngiyabubula,
kepha anginamduduzi.
Zonke izitha zami zizwile ukuhlupheka kwami;
ziyathokoza ukuthi nguwe okwenzileyo.
Ululethile usuku olumemezileyo,
kepha ziyakuba njengami.
22 “Mabufike bonke ububi bazo ebusweni bakho,
wenze kuzo njengokwenza kwakho kimi
ngenxa yazo zonke iziphambeko zami,
ngokuba ukububula kwami kukhulu,
nenhliziyo idangele.”

Currently Selected:

IsiLilo 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy