YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 21

21
UJesu uzibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya
1Emva kwalokho uJesu wabuye wazibonakalisa kubafundi ngaselwandle lwaseTiberiya; wazibonakalisa kanje: 2kwakukhona ndawonye oSimoni Petru, noTomase othiwa uDidimu, noNathanayeli waseKhana laseGalile, nabakaZebedewu, nabanye ababili kubafundi bakhe. 3USimoni Petru wathi kubo: “Ngiya kodoba.”
Bathi kuye: “Nathi sihamba nawe.” Base bephuma, bangena emkhunjini; kepha ngalobo busuku ababambanga lutho.
4 Kuthe sekusa, uJesu wayemi ogwini. Kepha abafundi babengazi ukuthi nguJesu.
5UJesu wathi-ke kubo: “Bantwana, aninakho ukudla na?”
Bamphendula bathi: “Qha.”
6 Wayesethi kubo: “Phonsani inetha ngakwesokunene somkhumbi, nizakuthola.” Base bephonsa, ababe besaba namandla ukulidonsa ngenxa yobuningi bezinhlanzi.
7 Khona lowo mfundi uJesu amthandayo wathi kuPetru: “YiNkosi.” USimoni Petru, ekuzwa ukuthi yiNkosi, wagqoka, ngokuba wayehamba ze, waziphonsa elwandle. 8Kepha abanye abafundi beza ngesikebhe, ngokuba bebengekude nenhlabathi kepha kungathi izingalo ezingamakhulu amabili, bedonsa inetha linezinhlanzi. 9Kuthe sebephumele emhlabathini, babona umlilo wamalahle, nezinhlanzi zibekwe kuwo, nesinkwa.
10UJesu wathi kubo: “Lethani izinhlanzi kwenizibambe manje.”
11Wasuka uSimoni Petru, walihudulela emhlabathini inetha. Ligcwele izinhlanzi ezinkulu, ziyikhulu namashumi ayisihlanu nantathu; noma zingako, inetha alidabukanga. 12UJesu wathi kubo: “Wozani nidle.” Kepha akwabakho kubafundi owaba nesibindi sokumbuza ngokuthi: “Ungubani wena na?” Bazi ukuthi yiyo iNkosi. 13UJesu weza, wathabatha isinkwa, wabapha, nezinhlanzi futhi. 14 Lokho sekungokwesithathu uJesu ebonakaliswa kubafundi, esevukile kwabafileyo.
Ukuvivinywa kukaPetru
15 Khona sebedlile uJesu wathi kuSimoni Petru: “Simoni kaJona, uyangithanda kunalaba na?”
Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”
Wathi kuye: “Yipha amawundlu ami.”
16 Wabuye wathi kuye ngokwesibili: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”
Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, uyazi wena ukuthi ngiyakuthanda.”
Wathi kuye: “Yalusa izimvu zami.”
17Wathi kuye ngokwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?”
UPetru wadabuka ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuye: “Nkosi, wazi konke wena, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.”
UJesu wathi kuye: “Yipha izimvu zami. 18 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona; kepha nxa usumdala, uyakwelula izandla zakho, omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona. 19 Kepha wakusho lokho ekhomba ukufa azakumdumisa uNkulunkulu ngakho.” Eseshilo lokho wathi: “Ngilandele.”
20 UPetru ephenduka wabona umfundi uJesu amthandayo elandela, oyena futhi wayencike esifubeni sakhe ekudleni, nowathi: “Nkosi, ngubani ozakukukhaphela na?” 21Kuthe uPetru embona lowo, wathi kuJesu: “Nkosi, kepha lona, pho?”
22UJesu wathi kuye: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na? Wena landela mina.” 23Ngakho-ke leli zwi laphumela kubazalwane lokuthi lowo mfundi akayikufa. Kanti uJesu akashongo ukuthi akayikufa kodwa ukuthi: “Uma ngithanda ukuba ahlale ngize ngifike, kuyini kuwe na?”
Isigcino
24 Nguye lo mfundi ofakaza ngalezi zinto nokulobile lokhu; siyazi ukuthi ubufakazi bakhe buqinisile.
25 Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.

Currently Selected:

NgokukaJohane 21: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy