YouVersion Logo
Search Icon

UHagayi 1

1
Ukwakhiwa kwethempeli
1 Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:
2Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Akukabi yisikhathi sokuza, isikhathi sokwakha indlu kaJehova.’ ”
3Kwase kufika izwi likaJehova ngoHagayi umprofethi, lathi: 4 “Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, le ndlu iseyize, na?”
5Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu. 6 Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”
7Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu. 8Khuphukelani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe,” usho uJehova. 9“Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe. 10 Ngalokho izulu livinjelwe kungabe kusabakho mazolo, nomhlaba uvinjelwe ungabe usaba nazithelo. 11 Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe, naphezu kwezintaba, naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha, naphezu kwamafutha, naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.”
12UZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu balalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umprofethi, njengokuba uJehova uNkulunkulu wabo emthumile; abantu besaba phambi kukaJehova.
13 Wayesekhuluma uHagayi, isithunywa sikaJehova, ngesimemezelo sikaJehova kubantu, wathi: “Nginani,” usho uJehova. 14UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo, 15ngosuku lwamashumi amabili nane ngenyanga yesithupha ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi.

Currently Selected:

UHagayi 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy