YouVersion Logo
Search Icon

2 kuThimothewu 1

1
Isibingelelo
1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu, 2 kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
UPawulu umvusa uThimothewu ukuba aqine ekulweleni ivangeli
3 Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini, 4ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo, 5 ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena. 6 Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami. 7 Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
8 Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu 9 owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi, 10 kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa, walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli, 11 engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi; 12 ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.
13 Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; 14 okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.
15 Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.
16 INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami, 17 kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana – 18 iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku – konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.

Currently Selected:

2 kuThimothewu 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy