UMalaki 4

4
UMalaki 4
1Ngokuba bhekani, luyeza usuku oluvutha njengeziko; bonke abazidlayo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi;
2Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.
3Niyakunyathela ababi; ngokuba bayakuba njengaphansi kwamathe ezinyawo zenu mhla ngenza lokhu,” usho uJehova Sebawoti.
4Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngoIsrayeli wonke, izimiso nezahlulelo.
5Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.
6Iyakuphendulela inhliziyo yawoyise kubantwana, nenhliziyo yabantwana koyise, ukuze ngingezi futhi ngishaye umhlaba ngesiqalekiso.

Zur Zeit ausgewählt:

UMalaki 4: CZB24

Markierung

Kopieren

Vergleichen

Teilen

None

Möchtest du deine gespeicherten Markierungen auf allen deinen Geräten sehen? Erstelle ein kostenloses Konto oder melde dich an.