YouVersion Logo
Search Icon

KuFilemoni 1

1
Isibingelelo
1 UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi, 2 naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu, ibutho kanye nathi, nakulo ibandla elisendlini yakho: 3 Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
UPawulu ubabaza ukukholwa kukaFilemoni
4 Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami, 5uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele, 6ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu, 7 ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe mzalwane.
UPawulu ukhulumela u-Onesimu
8Ngalokho noma nginesibindi esikhulu kuKristu sokuba ngikuyale ngakho okufaneleyo, 9 nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu, 10 ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu; 11okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi, 12engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami, 13ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli; 14 kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle. 15Ngokuba mhlawumbe kungenxa yalokho ukuba ahlukaniswe nawe isikhashana, ukuze abe ngowakho kuze kube phakade, 16 angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.
17Ngakho uma uthi ngingumhlanganyeli nawe, mamukele ngokungathi yimi. 18Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi; 19 mina Pawulu ngikuloba ngesandla sami, ngiyakukukhokha ukuba ngingaze ngisho kuwe ukuthi nawe unecala kimi elinguwe uqobo. 20Yebo, mzalwane, mangithokoziswe nguwe eNkosini, uyihlumelele inhliziyo yami kuKristu.
Isigcino
21Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.
22 Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.
23Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu, 24noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.
25Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

Currently Selected:

KuFilemoni 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy