76
UNkulunkulu ungumahluleli nomkhululi
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama.
1 #
AmaH. 48:1
UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,
igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2Itabernakele* lakhe liseSalema,
nendlu yakhe iseSiyoni.
3 #
AmaH. 46:9
Waphula lapho imicibisholo yomnsalo,
nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela*
4Uyakhazimula ngobukhosi,
lapho uvela ezintabeni zempango.
5 #
2 AmaKh. 19:35; Jer. 51:39,57; Nah. 3:18 Bachithekile abaqinile ngenhliziyo,
balele ubuthongo babo;
amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6Ngokusola kwakho,
Nkulunkulu kaJakobe,
kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
7 #
Nah. 1:6
Wena, yebo, wena uyesabeka;
ngubani ongema ebusweni bakho
ngesikhathi solaka lwakho na?
8Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini;
umhlaba wesaba, wathula
9mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele,
asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*
10 #
Eks. 9:16; Rom. 9:17 Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa;
insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11 #
Dut. 23:21
Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu.
Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
12 #
Jobe 12:21; Isaya 40:23 Uyanquma umoya wezikhulu,
wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.