36
Ububi babantu nomusa kaNkulunkulu
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova.
1 #
Rom. 3:18
Inkulumo yesiphambeko komubi,
isekujuleni kwenhliziyo yami, ithi:
Akukho ukumesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo akhe.
2 #
AmaH. 10:3
Ngokuba ukonakala kwakhe kuyamthopha emehlweni akhe,
ukuze kungafunyanwa,
azondeke ngakho.
3Amazwi omlomo wakhe angukona nenkohliso;
ukuyekile ukuhlakanipha nokwenza okulungileyo.
4 #
IzA. 4:16; Mika 2:1 Uceba okubi ecansini lakhe,
uzimisa endleleni engalungile;
okubi kakwenyanyi.
5 #
AmaH. 57:10; 108:4 Jehova, ububele bakho bufinyelela ezulwini,
nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
6 #
AmaH. 145:15; Rom. 11:33 Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi,
ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu;
usindisa abantu nezilwane, Jehova.
7 #
AmaH. 17:8
Ububele bakho, Nkulunkulu, buyigugu elingaka;
abantwana babantu bakhosela ethunzini lamaphiko akho.
8 #
AmaH. 65:4
Bayakusutha ngamanoni endlu yakho,
ubaphuzise okomfula wokuthokoza kwakho.
9 #
AmaH. 49:19; Jer. 2:13; 17:13 Ngokuba ukuwe umthombo wokuphila;
ekukhanyeni kwakho siyakubona ukukhanya.
10Mawume umusa wakho kubo abakwaziyo,
nokulunga kwakho kubo abaqotho ngenhliziyo.
11Unyawo loziqhenyayo malungangifikeli;
nesandla somubi masingangixoshi.
12 #
AmaH. 18:38
Bheka, bawile abenza okubi;
bawiswe phansi, abasenakuvuka.