35
Umkhuleko wocela ukusindiswa ezitheni
ElikaDavide.
1Phikisana, Jehova,
nabaphikisana nami,
ulwe nabo abalwa nami.
2Thatha ihawu nesihlangu,
uvuke, ungisize.
3Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo;
yisho kuwo umphefumulo wami, uthi:
“Mina ngiyinsindiso yakho.”
4 #
AmaH. 40:14
Mabajabhe, bahlazeke abafuna umphefumulo wami;
mababuyiselwe emuva, bajabhiswe abangisongelayo.
5 #
Hos. 13:3
Mababe njengamakhoba emoyeni,
ingelosi kaJehova ibadudule.
6 #
Josh. 10:10
Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi,
ingelosi kaJehova ibaxoshe.
7 #
Math. 22:15
Ngokuba bangenzele ngasesitha igebe lenetha labo, kungekho sici,
bembele umphefumulo wami umgodi, kungekho cala.
8 #
AmaH. 141:10
Ukubhujiswa makumehlele engazelele;
inetha lakhe alibeke ngasesitha malimbambe yena;
makawele kulo kube ngukubhujiswa kwakhe.
9Khona umphefumulo wami uzakwethaba kuJehova,
uthokoze ngokusindisa kwakhe.
10Onke amathambo ami azakuthi:
“Jehova, ngubani onjengawe,
wena okhulula ohluphekayo,
yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”
11 #
Math. 26:60; Luk. 23:2,10; Joh. 18:30 Ofakazi abangalungile bayasukuma,
babuza kimi engingakwaziyo.
12 #
AmaH. 109:5
Bangiphindisela okubi ngokuhle;
umphefumulo wami bawusozisele.
13 #
1 AmaKh. 18:42
Kanti ekuguleni kwabo mina ngangembethe ezokuzila;
umphefumulo wami ngawuhlupha ngokuzila ukudla;
umkhuleko wami wabuyela esifubeni sami.
14Ngahamba kungathi bekungumngane wami nomfowethu;
njengokhalela unina ngakhothama ngokulila.
15 #
Math. 26:3
Kepha ekuweni kwami bahlekisa ngami, babuthana ndawonye;
abashayi engingabaziyo bangibunganyela;
badumaza bengayeki.
16Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwa
bangigedlela amazinyo.
17 #
AmaH. 22:20
Nkosi, lokho uzakukubukela kuze kube nini na?
Sindisa umphefumulo wami ekubhubhiseni kwabo,
ukuphila kwami ezingonyameni ezingamabhongo.
18 #
AmaH. 22:22
Ngizakukubonga ebandleni elikhulu,
ngikudumise phakathi kwabantu abaningi.
19 #
Joh. 15:25
Mabangajabuli ngami abayizitha zami bengenasizathu;
mabangaqwayizi amehlo abangizonda ngeze.
20Ngokuba abakhulumi ukuthula,
kepha baqamba amazwi enkohliso ngabazithuleleyo emhlabeni.
21 #
Jobe 16:10
Yebo, bangikhamisela kakhulu umlomo wabo, bathi:
“Ashila, ashila, iso lethu liyabona!”
22Uyakubona, Jehova; mawungathuli;
Nkosi, mawungabi kude nami.
23Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami,
Nkulunkulu wami, Nkosi yami,
umele icala lami.
24 #
AmaH. 7:8
Ngahlulele ngokulunga kwakho,
Jehova Nkulunkulu wami;
mabangajabuli ngami.
25Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi:
“He, kwaya ngesifiso sethu!”
Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”
26 #
AmaH. 40:14; 109:29 Mabajabhe,
babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami;
abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.
27 #
AmaH. 40:16
Mabethabe, bajabule abathokoza ngokulunga kwami;
mabathi njalonjalo:
“Makadunyiswe uJehova
othokoza ngenhlanhla yenceku yakhe.”
28 #
AmaH. 7:17
Ulimi lwami luzakushumayela ngokulunga kwakho,
usuku lonke ngodumo lwakho.