15
Isimo songokaNkulunkulu
1 #
AmaH. 24:3
Jehova, ngubani oyakuhlala etendeni lakho na?
Ngubani oyakwakha entabeni yakho engcwele na?
2 #
Gen. 17:1; Isaya 33:15; Ef. 4:25 Yilowo ohamba ngobuqotho nowenza ukulunga,
okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe,
3 #
Lev. 19:16; Jobe 27:4 ongahlebi ngolimi lwakhe,
ongamoni umngane wakhe,
nongamhlazi umakhelwane wakhe;
4 #
Josh. 9:19; IzA. 29:27 obuka onengekayo ngokuzakumenyanya,
kepha ebazisa abamesabayo uNkulunkulu;
ofunga ngokuzakumlimaza,
nokho angalaphuli izwi lakhe;
5 #
Eks. 22:25; 23:8; Lev. 25:36; Dut. 16:19; 23:19 ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale,
nongamukeli umvuzo ngongenacala;
owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.