YouVersion Logo
Search Icon

AmaHubo 139

139
UJehova uyazi konke, ukhona ezindaweni zonke
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo.
1 Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.
2 Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,
uqonda umcabango wami ukude.
3 Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami,
wazana nezindlela zonke zami.
4Ngokuba alikho izwi olimini lwami, Jehova,
ongalaziyo ngokupheleleyo.
5Ungizungezile ngasemuva nangaphambili,
wabeka isandla sakho phezu kwami.
6Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa;
kuphakeme, anginakufinyelela kukho.
7Ngiyakuyaphi,
ngisuke emoyeni wakho, na?
Ngiyakubalekelaphi,
ngimuke ebusweni bakho, na?
8 Uma ngikhuphukela ezulwini,
wena ulapho;
uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo, nangu wena.
9Uma ngithabatha amaphiko okusa,
ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,
10nalapho isandla sakho siyakungihola,
esokunene sakho singibambe.
11Uma bengithi: “Ubumnyama mabungehlele,
ukukhanya kube ngubusuku kimi,”
12 ubumnyama bebungayikuba mnyama kuwe,
ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini,
ubumnyama bufane nokukhanya.
13 Ngokuba wena uzenzile izinso zami,
wangaluka esiswini sikamame.
14 Ngiyakukubonga,
ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo;
imisebenzi yakho iyamangalisa;
umphefumulo wami uyakwazi kahle.
15Amathambo ami ayengafihlekile kuwe,
lapho ngenziwa ekusithekeni,
ngibunjwa ezindaweni ezijulileyo zomhlaba.
16 Amehlo akho angibona ngiseyihlule;
zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho,
zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo.
17 Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi;
bukhulu kangaka ubuningi bayo.
18Uma bengiyakuyibala,
miningi kunesihlabathi;
lapho ngivuka, bengiyakuba nawe.
19Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu;
ngalokho sukani kimi nina bantu begazi.
20Bakhuluma ngamacebo ngawe,
baliphatha ngeze igama lakho.
21 Jehova, angibazondi abakuzondayo na?
Anginengwa ngabakuvukelayo na?
22Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo;
bayizitha kimi.
23 Ngihole, Nkulunkulu,
wazi inhliziyo yami;
ngilinge, wazi imicabango yami,
24ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi,
ungiholele endleleni yaphakade.

Currently Selected:

AmaHubo 139: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy