YouVersion Logo
Search Icon

UJobe 37

37
U-Elihu uthi: Ukuhlakanipha namandla kaNkulunkulu kukhonjwa ngokubusa kwakhe ukuduma nemvula
1“Yebo, ngenxa yalokho iyathuthumela inhliziyo yami,
isuke endaweni yayo.
2 Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe,
nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
3Uyakukhipha phansi kwalo lonke izulu,
nonyazi lwakhe luya emagumbini omhlaba.
4Emva kwalo kuduma izwi;
uduma ngezwi lobukhosi bakhe;
kalumisi unyazi, lapho lizwakala izwi lakhe.
5 UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo;
wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.
6Ngokuba uthi eqhweni:
‘Khithika emhlabeni;’
kanjalo nasesihlambini semvula,
yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.
7Uyanamathelisa izandla zabantu bonke
ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.
8Seziya izilwane ezikhundleni zazo,
zihlale emihumeni yazo.
9 Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso,
namakhaza emimoyeni ehlakazayo.
10 Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane,
ububanzi bamanzi buqine.
11Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama;
uyeneka amafu onyazi lwakhe.
12 Ayajika, aphenduke njengokunquma kwakhe
ukuba enze konke awayalayo
ebusweni bomhlaba owakhiweyo,
13awafikise abe luswazi,
afike ngenxa yomhlaba
noma ngenxa yomusa.
14“Beka indlebe kulokhu, Jobe;
yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.
15Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani,
enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?
16Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu,
izimangaliso zoPhelele olwazini,
17wena ozingubo zakho zifudumala,
lapho ethulisa umhlaba ngeshisandlu, na?
18Ungeneka isibhakabhaka njengaye,
esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?
19Sifundise ukuthi siyakuthini kuye;
asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.
20Uyakutshelwa ukuthi ngiyakhuluma na?
Ukhona yini oshoyo ukuthi makabhubhe na?
21Manje, abantu abanakukubona ukukhanya
okukhazimula esibhakabhakeni,
lapho umoya usudlulile, wasihlanza.
22Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide;
uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
23USomandla singemqonde;
mkhulu ngamandla nangokwahlulela;
ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.
24Ngalokho abantu bayamesaba;
kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.”

Currently Selected:

UJobe 37: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy