YouVersion Logo
Search Icon

NgokukaJohane 2

2
Isimangaliso sokuqala sikaJesu
1Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu. 2NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. 3Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.”
4UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.”
5Wathi unina ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.”
6Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda, ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu.
7UJesu wathi ezincekwini: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi;” zazigcwalisa-ke.
8Wayesethi kuzo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla;” zayisa-ke. 9Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye: 10“Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.”
11 Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.
Abathengisi ethempelini
12Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi.
13Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. 14Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali. 15Wayesenza inkalivasi* ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula, 16wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.”
17 Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.”
18 Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: “Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?”
19UJesu waphendula, wathi kubo: “Bhidlizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.”
20Ngakho bathi abaJuda: “Leli thempeli kwaba yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?” 21Kepha wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. 22 Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.
23Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo; 24kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke, 25 nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.

Currently Selected:

NgokukaJohane 2: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy