YouVersion Logo
Search Icon

Kwabase-Efesu 4

4
Ukwahlukana kweziphiwo zikaMoya nobunye bokukholwa
1 Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho, 2 ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando, 3nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula; 4 munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu; 5 yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo; 6 munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.
7 Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu. 8 Ngalokho uthi:
“Esenyukele phezulu
wathumba abathunjiweyo,
wapha abantu izipho.”
9 Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na? 10 Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke. 11 Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, 12 ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu, 13 size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu, 14 ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo; 15 kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu, 16 okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo njengokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.
Izono zabangakholwayo
17 Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo, 18 behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, 19 abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.
20Kepha nina animfundanga uKristu kanjalo, 21uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu, 22 ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso, 23 nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, 24 nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
25 Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye. 26 Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. 27 Ningamniki uSathane indawo. 28 Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.
29 Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo. 30 Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa. 31Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi. 32 Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

Currently Selected:

Kwabase-Efesu 4: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy