YouVersion Logo
Search Icon

1 kuThimothewu 1

1
Isibingelelo
1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu, 2 kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
UPawulu ukhumbuza uThimothewu ukuba alwe nesifundiso samanga e-Efesu
3 Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo, 4 futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje; 5 kepha umgomo womyalo uluthando oluvela enhliziyweni emhlophe, nakunembeza omuhle, nasekukholweni okungazenzisiyo, 6 abathe abanye bephaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize, 7befuna ukuba babe ngabafundisi bomthetho, ingani kabaqondi abakushoyo nabaqinisa ngakho begomela.
8 Siyazi kambe ukuthi umthetho muhle, nxa umuntu ewusebenzisa ngokomthetho, 9 ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu, 10nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo, 11 ngokwevangeli lenkazimulo kaNkulunkulu obongekayo, engaphathiswa lona mina.
UPawulu udumisa uNkulunkulu owamkhethela ukushumayela ivangeli
12Ngiyambonga owangenzela amandla, uKristu Jesu iNkosi yethu, ngokuba wathi ngikholekile, engimisa enkonzweni, 13 noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa. 14 Kepha umusa weNkosi yethu wavama kakhulu kanye nokukholwa nothando olukuKristu Jesu.
15 Likholekile leli zwi, lifanele impela ukwamukelwa ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni, engingesikhulu kuzo; 16kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade. 17 Kuyo iNkosi yaphakade engabhubhiyo, engenakubonwa, uNkulunkulu yedwa, makube ludumo nenkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
UPawulu uyala uThimothewu ukuba alwele iqiniso levangeli
18 Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo, 19 unokukholwa nonembeza omuhle, okuthe abanye bekulahlile, bafelwa umkhumbi wokukholwa, 20 abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.

Currently Selected:

1 kuThimothewu 1: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy